Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:40 - IsiZulu 2020

40 Uzokwengamela isigodlo sami, nesizwe sami sonke siyokwenza njengoba usiyala; yimi kuphela ngokwesikhundla sami sobukhosi engizoba mkhulu kunawe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Wena uzakuba phezu kwendlu yami; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Wena uyakuba phezu kwendlu yami, futhi njengezwi lakho bonke abantu bami bayobuswa; esihlalweni sobukhosi kuphela ngizakuba mkhulu kunawe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:40
16 Referans Kwoze  

Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko ezamehlelayo, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro, iNkosi yaseGibhithe. UFaro wambeka ukuba abe ngumbusi eGibhithe nakuyo yonke indlu yakhe.


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


Khona lapho uBhelishazari wathi, mabembathise uDaniyeli okubukhwebezane, bafake umgexo wegolide entanyeni yakhe, bakhiphe isimemezelo ngaye sokuthi uyakubusa engowesithathu embusweni.


Yangeni indodana, funa ithukuthele, bese nibhubha endleleni, ngokuba ulaka lwayo luvutha masinyane. Kepha babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


UDaniyeli wabadlula omengameli nezikhulu, ngokuba wayenekhono eledlulele; inkosi yayicabanga ukumbeka ukuba engamele umbuso wonke.


Bambikela bathi: “UJosefa usaphila, ungumbusi walo lonke iGibhithe.” UJakobe waphela amandla, wakhungatheka, akaze abakholwa.


inhliziyo yami yayengeka esithe, ngaqabula isandla sami,


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha wawuthela ekhanda likaSawule wayesemanga, wathi kuye: “USimakade akakugcobile yini ukuba ube ngumbusi wefa lakhe na?


Akamkhulu kule ndlu kunami, futhi akukho angigodlele khona ngaphandle kwakho, ngenxa yokuba ungumkakhe. Ngingakwenza kanjani-ke okubi kangaka, ngone kuNkulunkulu na?”


UJuda wazidela amathambo, wakhuluma noJosefa wathi: “Ngicela uxolo, nkosi yami, yivumele inceku yakho ibeke libe linye nje enkosini yayo, ungayithukutheleli inceku yakho, ngokuba wena ulingana noFaro uqobo.


Emveni kwalezo zinto, inkosi u-Ahasheveroshi yaqokela esikhundleni esiphezulu uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, yamenza umengameli wazo zonke izikhulu ezikanye naye.


UMoridekhayi, umJuda, wayengowesibili ngokwesikhundla embusweni wenkosi u-Ahasheveroshi, enamandla phakathi kwabaJuda, iningi labakubo limthanda, ngokuba wayesebenzela inhlalakahle yabantu bakubo, elwela ukuphatheka kahle kwazo zonke izizukulwane zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite