Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:32 - IsiZulu 2020

32 Isizathu sokuba liphindwe kabili iphupho kuFaro ngukuthi uNkulunkulu usekunqumile lokhu, futhi uzosheshe akwenze.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Lokhu ukuthi iphupho liphindwe kabili kuFaro, kungokuba le nto inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uyakushesha ayenze.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngakho iphupho likaFaro laphindwa kabili; kungenxa yokuthi indaba inqunywe nguNkulunkulu, futhi uNkulunkulu uzoyenza maduzane.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:32
18 Referans Kwoze  

UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?


Lokhu sekungokwesithathu ngiza kini. “Noma yiliphi izwi malifakazelwe ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu, bese liyaqiniswa.”


Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.


Izingelosi ezine ezazilungiselwe ihora, usuku, inyanga, nonyaka, zakhululwa ukuba zibulale okwesithathu kwabantu.


Kepha kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga nendlebe engakuzwanga, okungaphumanga enhliziyweni yomuntu, uNkulunkulu wakulungisela labo abamthandayo.”


Kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelweyo.”


“Kepha iNkosi iyakuthi kwabangakwesokhohlo sayo: ‘Dedani kimi, nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.


“INkosi iyakuthi kwabangakwesokunene sayo: ‘Zanini nina enibusiswe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


Indawo yakhe yokushisela ihlelwe kudala, ilungiselwe inkosi; uyenze yajula, yaba banzi, wabeka izinkuni eziningi, nokuphefumula kukaSimakade kunjengomfula wesibabule, kuyakuyithungela ngomlilo.


UJosefa wabuye waphupha, wabalandisa futhi abafowabo, wathi: “Ngiphuphe ngibona ilanga, nenyanga, nezinkanyezi eziyi-11 kungikhothamela.”


Besibopha izinyanda ensimini, kwathi inyanda yami yaphakama yema, ezenu zase ziyizungeza, zayikhothamela.”


UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro lilodwa. UNkulunkulu umambulele uFaro ngezinto azozenza.


Lokhu engikushilo kuFaro, yilokho uNkulunkulu azokwenza, futhi umembulele khona uFaro.


Akusayukukhumbuleka ukuthi kwake kwaba khona inala ngenxa yendlala elandelayo, eyoba nzima kakhulu ezweni.


Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla, nokuthi lachoboza insimbi, nethusi, nebumba, nesiliva, negolide; uNkulunkulu omkhulu uyazisile inkosi okuyakuba khona emuva kwalokhu; iphupho liqinisile, nencazelo yalo iyiqiniso.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite