Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:25 - IsiZulu 2020

25 UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro lilodwa. UNkulunkulu umambulele uFaro ngezinto azozenza.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro linye; lokho uNkulunkulu azakukwenza umazise uFaro khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UJosefa wasesithi kuFaro: Iphupho likaFaro linye: UNkulunkulu wamambulela uFaro azakukwenza.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:25
18 Referans Kwoze  

Njengalokho wabona itshe ukuthi laqheshulwa entabeni kungengazandla, nokuthi lachoboza insimbi, nethusi, nebumba, nesiliva, negolide; uNkulunkulu omkhulu uyazisile inkosi okuyakuba khona emuva kwalokhu; iphupho liqinisile, nencazelo yalo iyiqiniso.”


Emveni kwalokho, ngase ngibona umnyango uvulekile ezulwini, nezwi engangilizwe kuqala linjengelecilongo lakhuluma nami, lathi: “Yenyukela lapha, ngizakukutshengisa okumele ukuba kwenzeke emva kwalokhu.”


ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa, ukuze nimazi kangcono Yena,


Kepha nina qaphelani; nginixwayisile ngalezi zinto.


Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye athathwe, omunye ashiywe.


Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”


Izizwe zonke mazihlangane ndawonye; abantu bonke babuthane. Ngubani phakathi kwabo ongasho lokhu, asitshele izinto zakuqala na? Mabalethe ofakazi babo ukuze bazobafakazela, mabezwe bese bethi: “Kuliqiniso.”


USimakade uyenze yaziwa insindiso yakhe, ukulunga kwakhe wakwembula emehlweni abezizwe.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”


UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Angikwazi ukukwenza lokho; nguNkulunkulu ozochazela uFaro ngendlela egculisayo.”


Ngokuba kulesi sikhathi ngizothumela zonke izinhlupheko zami enhliziyweni yakho, kweyezinceku zakho, nakweyabantu bakho, ukuze nazi ukuthi akekho onjengami emhlabeni wonke.


Izinkomazi eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa, nezikhwebu eziyisikhombisa ezinhle ziyiminyaka eyisikhombisa. Yiphupho elilodwa lelo.


Lokhu engikushilo kuFaro, yilokho uNkulunkulu azokwenza, futhi umembulele khona uFaro.


Isizathu sokuba liphindwe kabili iphupho kuFaro ngukuthi uNkulunkulu usekunqumile lokhu, futhi uzosheshe akwenze.


Bathi kuye: “Sibe namaphupho sobabili, akukho muntu ongasichazela wona.” UJosefa wathi kubo: “Ngabe incazelo ayiveli yini kuNkulunkulu na? Ngitsheleni amaphupho enu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite