Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:23 - IsiZulu 2020

23 Ngabuye ngabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa emva kwazo, zizacile, zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Bheka, nezikhwebu eziyizintshwamu ezincane, ezihamukile ngumoya wasempumalanga, zahluma emva kwazo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Bheka, kwavela emva kwazo izinhlamvu eziyisikhombisa ezibunile, ezincane, zipheshulwa ngumoya wasempumalanga.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:23
8 Referans Kwoze  

“Noma angaba yindodana enempumelelo kubafowabo, kuyakufika umoya wasempumalanga, umoya kaSimakade ovela ehlane; umthombo wakhe uyakuba namahloni, isiphethu sakhe sishe; uyakuphanga ingcebo yakhe, nazo zonke izinto eziyigugu.


U-Efrayimi unqundiwe, impande yabo yomile, abayukuthela sithelo. Noma bangazala, kodwa ngiyakubulala okuyigugu kwesisu sabo.”


“Ngokuba bahlwanyele umoya, bayakuvuna isivunguvungu; uhlanga alunantshakaza, alukhiqizi mpuphu; uma luyikhiqiza, iyakushwabadelwa ngabafokazi.


Abakhe kuyo babe namandla amancane, besaba, bajabha; baba njengotshani basendle, nembali notshani obuluhlaza, nokuluhlaza ophahleni lwezindlu, nokusanhlamvu okuhamukile kungakakhuli.


Wabona kuhluma ezinye izikhwebu eziyisikhombisa eziyiminconco, zizacile, futhi zishiswe ngumoya weshisandlu wasempumalanga.


“Ngabuye ngabona ephusheni izikhwebu eziyisikhombisa zibelethwe wuhlanga olulodwa, ziphelele, zizinhle.


Izikhwebu eziyisikhombisa ezizacileyo zagwinya lezo ezinhle. Ngizazisile izanusi ngalawa maphupho, kodwa asikho esingichazele wona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite