Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:14 - IsiZulu 2020

14 UFaro wathumela ukuba kubizwe uJosefa, bashesha bamkhipha emgodini, wagunda, wagqoka izingubo ezihlanzekileyo, wayeseya kuFaro.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UFaro wayesethuma wambiza uJosefa; bashesha bamkhipha emgodini; waphucula, waphendulela ezinye izingubo, wangena kuFaro.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UFaro wayesethumela wambiza uJosefa, baphangisa ukumkhipha emgodini; waphuca, wagqoka izingubo zakhe, wangena kuFaro.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:14
13 Referans Kwoze  

U-Ariyokhi wayeseshesha ukumngenisa uDaniyeli phambi kwenkosi, washo kanje kuyo, wathi: “Ngifumene umuntu wabathunjwa bakwaJuda oyakwazisa inkosi incazelo.”


Wamkhumula izingubo ayezigqoka ejele, wadla naye njalo, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.


ngenze ukuba abalilayo eZiyoni baphiwe amaqhiya esikhundleni somlotha; amafutha enjabulo esikhundleni sokulila; ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo; ukuze babizwe ngokuthi yimithi yokulunga, nokutshalwe nguSimakade, ukuze adunyiswe.


Kwathi ngosuku lwesithathu, u-Esteri wagqoka ingubo yobundlovukazi, wema egcekeni lesigodlo senkosi elingaphakathi, eliqondene nendlu yenkosi. Inkosi yayihleli esihlalweni sayo sobukhosi, iqondene nesango elingenela esigodlweni.


Ngiyothokoza kakhulu ngoSimakade, umphefumulo wami wename ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathise izingubo zensindiso, wangisibekela ngesembatho sokulunga, okomyeni ethwele umshuqulu njengomphristi, nanjengomakoti ezihlobise ngemvunulo.


UFaro waphuthuma wabiza uMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile kuSimakade uNkulunkulu wenu nakini.


UMefibhoshethi indodana kaSawule, wehla naye wayohlangabeza inkosi; wayengazigezanga izinyawo zakhe, engasigundile isilevu sakhe, noma ahlanze izingubo zakhe, kusukela ngosuku inkosi eyahamba ngalo kwaze kwaba lusuku eyabuya ngalo ngokuthula.


Umuntu angaphuma ejele abuse, ngisho noma ezalwe engompofu embusweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite