Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 41:1 - IsiZulu 2020

1 Emva kweminyaka emibili, uFaro waphupha emi ngasemfuleni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emibili waphupha uFaro; bheka, wayemi ngasemfuleni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ekupheleni kweminyaka emibili egcweleyo uFaro waphupha, khangela-ke, emi emfuleni;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 41:1
21 Referans Kwoze  

Esahleli esihlalweni sokwehlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungayingeni indaba yalowo muntu olungileyo, ngokuba ngikhathazeke kakhulu ngaye namuhla ephusheni.”


IGibhithe lizoba yincithakalo nehlane, bazokwazi ukuthi nginguSimakade, ngokuba wathi: “INayili ingeyami, ngiyenze mina.”


ukhulume uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Bheka, ngimelene nawe Faro, nkosi yaseGibhithe, silwanekazi sasolwandle, obuthisa emifuleni yakho, uthi: “ ‘ “Umfula ungowami, ngiwenze mina.”


Amanzi olwandle ayokusha, umfula wome nkwe.


Ngalobo busuku inkosi yaqwasha, yase iyala ukuba kulethwe kuyo umqulu womlando okubhalwe kuwo izehlakalo zemihla ngemihla zombuso wayo, zafundwa phambi kwenkosi.


Izwe enizongena kulo ukuba nilidle alifani neGibhithe enaphuma kulo, lapho wawuvame ukuhlwanyela khona imbewu yakho, uyinisele njengesivande semifino,


Uma bengazikholwa zombili izibonakaliso noma bengakulaleli okushoyo, uyokukha amanzi eNayili, uwathele emhlabathini owomileyo, lawo manzi owakhe emfuleni ayophenduka igazi emhlabathini owomileyo.”


UFaro wayeseyala bonke abantu bakhe wathi: “Bonke abafana abazozalwa ngamaHebheru kufanele baphonswe emfuleni, kodwa amantombazane niwayeke aphile.”


Ngobunye ubusuku bobabili, umphathindebe nombhakizinkwa benkosi yaseGibhithe, ababevalelwe ejele, yilowo nalowo waphupha; yilelo nalelo phupho lalichaza okuthile.


Wabaleka nakho konke ayenakho, waqala wawela umfula, walibangisa kwelezintaba kwaGileyadi.


ULabani wayesethi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” UJakobe wahlala naye inyanga yonke.


UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”


Waphupha ebona isikhwelo simisiwe sisuka emhlabathini size sifinyelele ezulwini. Izingelosi zikaNkulunkulu zazenyuka zehla kuso.


Nokho induna yabaphathindebe ayimkhumbulanga uJosefa; yamkhohlwa.


Kwase kwenyuka emfuleni izinkomazi eziyisikhombisa ezibukeka kahle, zikhuluphele, zadla emhlangeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite