Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 40:19 - IsiZulu 2020

19 ezinsukwini ezintathu uFaro uzokunquma ikhanda, akuphanyeke esigxotsheni, izinyoni zezulu zidle inyama yakho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, alisuse kuwe, akuphanyeke emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho, ziyisuse kuwe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kodwa phakathi kwezinsuku ezintathu uFaro uzaphakamisa ikhanda lakho alisuse kuwe, akulengise emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho kuwe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 40:19
17 Referans Kwoze  

kodwa induna yababhakizinkwa wayiphanyeka, njengoba uJosefa ayebachazele amaphupho abo.


UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,”


Ngokuba anginigodlelanga lutho, ukuba nginganitsheli konke okuyintando kaNkulunkulu.


Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho wonke, nezizwe ezikanye nawe, ngikunikele kuzo zonke izinyoni ezinhlobonhlobo ezidla inyama, nasezilwaneni zasendle ukuba zikudle.


“Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni, lidliwe ngamachwane okhozi.


URizpha, indodakazi ka-Aya, wathatha indwangu eyisaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kwaze kwana izulu labanetha. Akazange avumele izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini nezilwane zasendle ebusuku.


Masinikwe yena nabantu abayisikhombisa bozalo lwakhe, sizobaphanyeka phambi kukaSimakade eGibheya likaSawule, okhethiweyo kaSimakade.” Inkosi yathi: “Ngizoninika bona.”


Namuhla uSimakade uzokunikela esandleni sami. Ngizokubulala, ngikunqume ikhanda. Khona namuhla izidumbu zempi yamaFilisti ngizozinika izinyoni zezulu nezilwane zomhlaba, ukuze umhlaba wazi ukuthi ukhona uNkulunkulu kwa-Israyeli.


UmFilisti wathi kuDavide: “Woza kimi, nginike izinyoni zezulu nezilwane zasendle inyama yakho.”


Emveni kwalokho uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka ezihlahleni eziyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.


Inkosi yase-Ayi wayilengisa emthini kwaze kwaba kusihlwa. Ngokushona kwelanga uJoshuwa wayala ukuba basehlise isidumbu sayo emthini, basitshinge esangweni lomuzi, base bebeka inqwaba enkulu yamatshe phezu kwaso, esekhona nanamuhla.


kwaba njengoba lalishilo, mina ngabuyiselwa esikhundleni sami, kwathi induna yababhakizinkwa yaphanyekwa.”


Eqomeni elingaphezulu bekukhona yonke inhlobo yokudla kukaFaro, kodwa izinyoni bezikudla kuleli qoma ebelisekhanda lami.”


zingakapheli izinsuku ezintathu uFaro uzokuphakamisa, akubuyisele esikhundleni sakho, uzomnika indebe yakhe esandleni, njengoba wawenza ngesikhathi usengumphathindebe.


UJosefa waphendula wathi: “Nansi incazelo yalo: amaqoma amathathu ayizinsuku ezintathu;


Kwathi ngosuku lwesithathu, okwakulusuku lokuzalwa kukaFaro, uFaro wenzela zonke izinceku zakhe idili. Waphakamisa phambi kwazo izikhulu zakhe, induna yabaphathindebe, nenduna yababhakizinkwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite