Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 40:15 - IsiZulu 2020

15 Ngokuba empeleni ngathunjwa ezweni lamaHebheru, nalapha angenzanga lutho olufanele ukuba bangifake kulo mgodi.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngokuba ngebiwa nokwebiwa ezweni lamaHeberu, nalapha futhi angenzanga lutho ukuba bangifake emgodini.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngokuba ngempela ngebiwa ezweni lamaHeberu; nalapha angenzanga lutho ukuthi bangangifaka emgodini.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 40:15
19 Referans Kwoze  

Umphathi wamthatha uJosefa, wamgquma ejele, lapho kwakuvalelwa khona iziboshwa zenkosi.


izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo;


Kepha ukuze kugcwaliseke izwi elilotshwe emthethweni wakubo elithi: ‘Bangizonda ngeze.’


UJesu wathi kubo: “Nginikhombisile imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yiwona muphi eningikhandela wona ngamatshe na?”


UNkulunkulu wami uthumele ingelosi yakhe, yavala imilomo yezingonyama, azingilimazanga, ngokuba kwatholakala ukuthi ngimsulwa phambi kwakhe; naphambi kwakho, nkosi, angikwenzanga okubi.”


Futhi-ke baba, awubheke nanku umphetho wengubo yakho esandleni sami ngokuba ngiwusikile, angikubulalanga. Yazi, ubone ukuthi akukho nhloso embi kimi ngawe; angikonanga ngalutho, kodwa nguwe ozingela impilo yami ukuze ungibulale.


“Uma umuntu ebanjwa eduna omunye wabafowabo babantu bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lowo mduni uyokufa, ngaleyo ndlela uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


“Noma ngubani othumba omunye, athengise ngaye noma atholakale kuye, kufanele abulawe.


Kwakukhona lapho kanye nathi ibhungu lomHebheru, isigqila senduna yabalindi benkosi. Salilandisa ngamaphupho ethu, lawachaza, yilelo ngokwencazelo yalo,


Kwafika ophume ngesamagundwane isabambene, wabikela u-Abhrama umHebheru, owayakhe eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, umu-Amori, umfowabo ka-Eshikholi no-Aneri, ababenze isivumelwano no-Abhrama.


Lapho induna yababhakizinkwa ibona ukuthi incazelo ibe yinhle, yathi kuJosefa: “Nami ephusheni lami bekunamaqoma amathathu ezinkwa ezimhlophe ekhanda lami.


balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga, waboshwa ngensimbi.


Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso kumelene nami, kuqamba amanga ngami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite