Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 4:7 - IsiZulu 2020

7 Uma wenza okuhle, awuzukwamukela okuhle yini na? Uma ungenzi kahle, isono sisemnyango, siyakunyonyobela; sifuna wena, kodwa wena sinqobe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na? Uma ungenzi kahle, isono sihlezi ngasemnyango; ukunxanela kwaso kukuwe, kepha wena umelwe ukusibusa.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uma wenza kahle, awuyikwamukeleka na? uma ungenzi okuhle, isono sihlezi ngasemnyango. Futhi emva kwakho kuyoba isifiso sakhe, futhi uyobusa phezu kwakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 4:7
33 Referans Kwoze  

Phela uma inkanuko isibambile, izala isono; nesono uma sesiphelelisiwe, sizala ukufa.


Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo.


Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku ezimthobelayo, niyizinceku zalowo enimthobelayo; noma ezesono esiholela ekufeni, noma ezokuthobeka kube ngukulunga na?


“Kepha uma ningeyukwenza kanjalo, niyobe nonile kuSimakade, futhi yazini ukuthi niyoba nesono.


Ngakho-ke ngiyanincenga bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandekayo kuNkulunkulu; kube ngukukhonza kwenu ngokomoya.


Niyasho futhi nithi: ‘Saze sakhathala bo! qede nilinximfele,’ ” kusho uSimakade Wamabandla. “Niletha izilwane ezebiwe, eziqhugayo nezigulayo, nethule umnikelo, ngiyakukwemukela yini lokho esandleni senu na?” kusho uSimakade.


Umhlatshelo wezikhohlakali uyisinengiso; kakhulu kangakanani-ke uma ulethwa ngenhloso embi.


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


Lapho niletha isilwane esingaboni sibe ngumhlatshelo, akukubi yini lokho na? Uma ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi yini lokho na? Uma unganikela ngaso kumbusi wakho, angakujabulela yini na? Angakwemukela yini wena noma athokoze ngawe na? kubuza uSimakade Wamabandla.


kodwa ezizweni zonke lowo omesabayo nowenza ukulunga uyemukeleka kuye.


lowo okhonza uKhristu kulokhu, uyathandeka kuNkulunkulu, uyancomeka nakubantu.


Inalusizo luni kimi inhlaka evela eShebha, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


Akulungile ukwenzelela isikhohlakali, nokuba olungileyo ahlanekezele ukwehlulela.


Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu.


ukuze ngibe yisikhonzi sikaKhristu uJesu kwabezizwe, ngikhonze ivangeli likaNkulunkulu emsebenzini ongcwele, ukuze abezizwe babe ngumnikelo owamukelekayo, sebengcweliswe nguMoya oNgcwele.


Ngakho-ke zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye nakho encekwini yami uJobe, nikunikele kube ngumnikelo wenu wokushiswa. UJobe, inceku yami, uyonikhulekela, ngoba ngiyakuwulalela umkhuleko wakhe, angiyukwenza kini njengobuwula benu, ngokuba anikhulumanga iqiniso ngami, njengenceku yami uJobe.”


Kowesifazane wathi: “Ngiyokuzwisa izinhlungu ezinkulu usakhulelwe, uzwe iminjunju lapho ubeletha. Uyohlala ulangazelela indoda yakho, yona ikubuse.”


Kepha uma umfelokazi enabantwana noma abazukulu, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, benze okufaneleyo kubazali babo bekhombisa ukubonga, ngokuba lokho kwamukelekile phambi kukaNkulunkulu.


Konke nkosi, u-Arawuna ukunika inkosi.” U-Arawuna wabuye wathi enkosini: “USimakade uNkulunkulu wakho makakwamukele.”


ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo,


Yathi: “Kulungile, ngiyakuzwela kulokho, angisezukuwubhubhisa lo muzi owushoyo.


njengoba nganginjalo ezinsukwini zobunsizwa bami, lapho ubukhona bukaNkulunkulu babuphezu kwethende lami,


Wahamba noJoramu, indodana ka-Ahabi, bayokulwa noHazayeli, inkosi yase-Aramu, eRamothi Gileyadi. Abase-Aramu bamlimaza uJoramu.


Ngakho-ke isono masingabusi emzimbeni wenu ofayo, nize nithobele izinkanuko zawo,


uma udedisele kude inkohlakalo esesandleni sakho, ungakuhlalisi ukungalungi emathendeni akho,


impela uyakubuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni, uyokuma uqine, ungenakwesaba.


Hamba umemezele lawa mazwi enyakatho, uthi: “ ‘Buya wena Israyeli ohlubukayo,’ kusho uSimakade; ‘angizukunibheka nginyukubele, ngokuba nginomusa,’ kusho uSimakade; ‘Angiyukuthukuthela kuze kube phakade.


Ngubani onguNkulunkulu njengawe othethelela ukona, ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe; akahlali ethukuthele ingunaphakade ngokuba uthokozela umusa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite