Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 4:16 - IsiZulu 2020

16 UKhayini wasuka phambi kukaSimakade, wahamba wayohlala eNodi, empumalanga ye-Edeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova, wahlala ezweni laseNodi ngasempumalanga kwase-Edene.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Futhi uKayini wasuka ebusweni bukaJehova futhi wahamba wayohlala ezweni laseNodi, ngasempumalanga kwase-Edene.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 4:16
19 Referans Kwoze  

Okwenzeka eJerusalema nakwaJuda kwaba ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla phambi kwakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.


ngakho-ke ngiyakuniphakamisa nokuniphakamisa, nginilahle kude nobukhona bami, nina nomuzi enganinika wona, nina nokhokho benu,


USathane wayesemuka ebukhoneni bukaSimakade. Wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kube sokhakhayini.


Lokho kwenzeka eJerusalema kwaJuda ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla ebusweni bakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.


USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.


Lapho bonke abantu bezwa ukuduma kwezulu, nombani, nokukhala kwecilongo, bebona nentaba ithunqa, bathuthumela, bamela kude.


Bheka, namuhla usungixoshile emhlabeni, sengingumhambuma nozulane ezweni, ngethuswa wubala, noma ngubani ohlangana nami uzofuna ukungibulala.”


Ntambama selipholile, indoda nomkayo bezwa izigi zikaSimakade uNkulunkulu ezihambela ensimini, base becasha phakathi kwemithi.


Ngokuba bona luqobo babika ngathi ukuthi nasemukela kanjani, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu nashiya izithombe, ukuze nikhonze uNkulunkulu ophilayo noweqiniso;


ULizwi wayekhona ezweni. Izwe lavela ngaye, kodwa izwe alimazanga.


Konke kwavela ngaye; akukho lutho olwadalwayo kukho konke okudaliweyo, olungavelanga ngaye.


“Kulapho niyakuqala khona, nithi: ‘Sasidla, siphuza nawe, wawufundisa emigwaqweni yakithi.’


“Ngokuba lapho kuhlangene khona ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”


Njengokuphephuka komusi, nokuncibilika kwengcina phambi komlilo, bachithwa kanjalo ababi phambi kukaNkulunkulu.


Kepha mabajabule bonke abaphephela kuwe, mabakhamuluke ngenjabulo phakade, ubasibekele, bajabule kuwe abathanda igama lakho.


Akayukuyibuka imifula nemifudlana egeleza uju nezaqheqhe.


USimakade wathi kuSathane: “Kulungile-ke, konke anakho kusesandleni sakho, kodwa uze ungamthinti yena ngesandla sakho.” USathane wayesesuka ehamba ebukhoneni bukaSimakade.


UKhayini walala nomkakhe wakhulelwa, wazala u-Enokhi. UKhayini wakha umuzi wawuqamba ngegama lendodana yakhe u-Enokhi.


Kodwa uJona wasuka, wabaleka phambi kukaSimakade, walibhekisa eTharishishi. Wehlela eJopha, wathola umkhumbi owawuya eTharishishi. Eseyikhokhile imali, wagibela kuwo elibhekise eTharishishi, ukuba suke phambi kukaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite