Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 4:15 - IsiZulu 2020

15 USimakade wathi kuye: “Akusoze kwenzeka lokho, ngoba uma umuntu ekubulala, uyojeziswa kasikhombisa.” USimakade wayesembeka uphawu uKhayini ukuze lwexwayise noma ngubani ohlangana naye angambulali.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kepha uJehova wathi kuye: “Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa.” UJehova wabeka uphawu kuKayini, funa omfumanayo ambulale.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 INkosi yasisithi kuye: Ngakho loba ngubani obulala uKhayini uzaphindiselwa kasikhombisa. UJehova wabeka uphawu kuKayini, ukuze kungabikho muntu omfumanayo angambulala.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 4:15
15 Referans Kwoze  

USimakade wathi kuyo: “Dabula emzini, phakathi eJerusalema, ubeke uphawu emabunzini abantu ababubulayo bequma ngenxa yazo zonke izinengiso ezenziwa kulo.”


Ibuyisele kasikhombisa ezifubeni zomakhelwane bethu inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.


Niyobulala niqede nya amaxhegu, izinsizwa, izintombi, izingane nabesifazane, kodwa ningasondeli kumuntu onophawu; niyakuqala endlini yami engcwele.” Amalunga aqala ngamadoda ayephambi kwendlu.


Uma uKhayini eyophindiselwa kasikhombisa, uLameki uyophindiselelwa kamashumi ayisikhombisa nesikhombisa.”


Intuthu yokuhlushwa kwabo iyenyuka kuze kube phakade naphakade. Abasenakuphumula imini nobusuku labo abakhonza isilo nesithombe saso, nakulabo abemukele uphawu lwegama laso.”


Kwabuye kwalandela futhi enye ingelosi yesithathu yamemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Uma kukhona okhonza isilo nomfanekiso waso, nofumene futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe,


UJesu wathi kuye: “Buyisela inkemba yakho emgodleni wayo, ngokuba bonke abaphatha inkemba bayakubhubha ngenkemba.


USimakade wathi kuye: “Iqambe igama uthi: ‘nguJizreyeli,’ ngokuba sekuseduze ngibajezise abendlu kaJehu ngenxa yegazi likaJizreyeli, futhi ngiyakuwuqenda nya umbuso wendlu ka-Israyeli.


Ungazibulali, funa abantu bakithi bakhohlwe, kodwa zihlakaze ngamandla akho, uziqumbe phansi, Nkosi, sihlangu sethu.


Izwi likaSimakade lafika ngoJehu, indodana kaHanani umphrofethi, mayelana noBhahasha nendlu yakhe, ngenxa yabo bonke ububi ayebenze phambi kukaSimakade ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobhowamu ayiqothula.


nami ngizomelana nani ngolaka, yebo, ngizonishaya kuze kube kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


nami ngizomelana nani, ngizakunishaya, yebo, ngokuphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


“ ‘Uma niyohamba nimelene nami, ningavumi ukungilalela, ngiyakunehlisela izinhlupheko eziphindwe kasikhombisa, ngenxa yezono zenu.


“ ‘Uma ningangilaleli nangalezi zinto, ngiyonishaya ngokuphindwe kasikhombisa ngenxa yezono zenu.


Uma ebhadanyiwe, bamhlawulisa ngokuphindwe kasikhombisa, akhokhe ngayo yonke impahla yomuzi wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite