Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 4:1 - IsiZulu 2020

1 U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wayesekhulelwa, wazala uKhayini, wathi: “Ngifumene insizwa kuSimakade.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini;* wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini, wathi: “Ngifumene indoda evela kuJehova.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 4:1
8 Referans Kwoze  

kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.


Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”


U-Adamu waphinde walala nomkakhe, wayesezala indodana wayiqamba igama wathi nguSethi, ngokuba wathi: “UNkulunkulu uphinde wangipha enye ingane esikhundleni sika-Abela, ngokuba uKhayini wambulala.”


Wayiqamba igama wathi nguNowa, ethi: “Lo nguyena ozosiphumuza emsebenzini wethu nasemshikashikeni wezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uSimakade.”


Ngalokho, babulaleni manje bonke abafana, nabo bonke abesifazane asebeyazi indoda.


Wamxosha umuntu, wayesebeka amakherubhi empumalanga nensimu yase-Edeni, nenkemba evuthayo eyayiphendukela nxazonke, ukuqapha indlela eya emthini wokuphila.


Wabuye wazala enye indodana wayiqamba ngokuthi ngu-Abela. U-Abela wayengumelusi, uKhayini engumlimi.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade, isithelo sesibeletho singumklomelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite