Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 39:9 - IsiZulu 2020

9 Akamkhulu kule ndlu kunami, futhi akukho angigodlele khona ngaphandle kwakho, ngenxa yokuba ungumkakhe. Ngingakwenza kanjani-ke okubi kangaka, ngone kuNkulunkulu na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ayinkulu kunami kule ndlu; futhi ayingigodlelanga lutho ngaphandle kwakho kuphela, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobo bubi obungaka, ngone kuNkulunkulu na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 akakho omkhulu kunami kule ndlu; futhi akangigodlelanga lutho, ngaphandle kwakho, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobu bubi obukhulu, ngone kuNkulunkulu na?

Gade chapit la Kopi




UGenesise 39:9
34 Referans Kwoze  

UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuSimakade.” UNathani wathi kuDavide: “USimakade usisusile isono sakho, awuyukufa.


Ngosuku lwesithathu uJosefa wathi kubo: “Yenzani lokhu ukuze niphile, ngokuba ngingumuntu omesabayo uNkulunkulu.


UNkulunkulu waqhubeka ephusheni, wathi kuye: “Nami impela ngiyakwazi ukuthi lokho okwenzile ukwenze ngenhliziyo emsulwa. Yingakho ngingakuvumelanga ukuba umthinte, ngakuthiya ukuze ungoni kimi.


Umuntu ozelwe nguNkulunkulu akasenzi isono, ngokuba imbewu kaNkulunkulu ihlala kuye, futhi akanakwenza sono, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu.


Kepha leyo eyenze okungafanele ngenxa yokungazi, iyakushaywa imivimbo embalwa. Yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakufunwa okuningi kuye, nophathiswe okuningi, kuyakubizwa okuningi kakhulu kuye.”


Ngonile kuwe, kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho. Wena ulungile nxa wehlulela, futhi kucacile ukwehlulela kwakho.


Phezu kwalokho kufuneka ukuthi umuntu ophathisiweyo afunyanwe engothembekileyo.


Bonke ababafumanayo babashwabadela; abamelene nabo bathi: ‘Asinacala, ngokuba yibo abonile kuSimakade; ikhaya labo lokulunga, uSimakade, ithemba lokhokho babo.’


Ngakho-ke usho kanje uSimakade, uthi: ‘Uyabona-ke, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, futhi uzakufa kuwo lo nyaka ngokuba ukhulume ngokuthi abantu bahlubuke kuSimakade.’ ”


Ngokuba ngiyayesaba inhlekelele eyehliswa nguNkulunkulu; anginakwenza lutho ngenxa yobukhulu bakhe.


Sesiphelile isikhathi sokulila, uDavide wathumela, wayomlanda, wamngenisa esigodlweni sakhe, wamenza umkakhe; wamzalela indodana. Kepha lokho okwenziwa nguDavide kwaba kubi emehlweni kaSimakade.


“Kepha uma ningeyukwenza kanjalo, niyobe nonile kuSimakade, futhi yazini ukuthi niyoba nesono.


“Uma umuntu ona, enza isiphambeko kuSimakade ngokukhohlisa umakhelwane wakhe ngento ebekiweyo, noma eyisibambiso, noma amqole, noma ecindezela umakhelwane wakhe,


Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; owenza lokho ubhubhisa impilo yakhe.


Ababusi engibalandelayo babethwesa abantu umthwalo onzima, befuna intela yokudla newayini, ngaphezu kwezinhlamvu ezingama-40 zesiliva abebevele bezikhokha. Ngisho nezinceku zabo zabacindezela abantu, kodwa mina angenzanga kanjalo, ngenxa yokwesaba uNkulunkulu.


Ngaphandle kukhona izinja, abathakathi, izifebe, ababulali, abakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede mawungangcoliswa, ngokuba uNkulunkulu uyakuzehlulela izifebe nabaphingayo.


zingantshontshi, zikhombise konke ukukholwa okuhle, ukuze ivunuliswe ngobuhle imfundiso kaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke.


Unjalo-ke olala nomfazi kamakhelwane wakhe: noma yimuphi omthintileyo uyakujeziswa.


Ngamphendula ngathi: “Ngabe indoda enjengami nje ingabaleka yini na? Ngabe indoda efana nami ingangena yini ethempelini ukuze isindise impilo yayo na? Ngeke ngingene kulo.”


“ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye, nomuntu ophinga nomfazi kamakhelwane wakhe, labo abaphingileyo bayakubulawa.


Uzokwengamela isigodlo sami, nesizwe sami sonke siyokwenza njengoba usiyala; yimi kuphela ngokwesikhundla sami sobukhosi engizoba mkhulu kunawe.”


“Kepha amagwala, abangakholwayo, abanengekayo, ababulali, izifebe, abathakathi, abakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabuli; lokho-ke ngukufa kwesibili.”


U-Abhrahama watshela inceku yakhe eyase ikhulile, futhi yengamele indlu yakhe, nakho konke ayenakho, wathi: “Faka isandla sakho phansi kwethanga lami.


UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”


Abantu baseSodoma babonakele kakhulu, benza inkohlakalo yodwa phambi kukaSimakade.


U-Abhimeleki wabiza u-Abhrahama wathi: “Ukwenzeleni lokhu kithi, mina nombuso wami sikone ngani uze usethwese icala elingaka na? Wenze kithi okungafanele ukwenze.”


Nakuba umkaPotifari wayembelesela uJosefa imihla ngemihla, kodwa akavumanga ukulala naye, noma abe ndawonye naye.


Ngathola okumuncu okwedlula ukufa: owesifazane onenhliziyo ewugibe nenethi, ozandla zakhe ziyizibopho; othokozisa uNkulunkulu uyasinda kuye, kodwa isoni uyasibamba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite