Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 39:4 - IsiZulu 2020

4 ngakho-ke uJosefa wafumana umusa phambi kwayo, waba yinceku yayo; yamenza waba ngumphathi wendlu yayo, wengamela konke eyayinakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo, nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yammisa phezu kwendlu yayo, nakho konke eyayinakho yakunikela esandleni sakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 39:4
23 Referans Kwoze  

Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.


Olonda umkhiwane uyakudla izithelo zawo; novikela inkosi yakhe, uyakuhlonishwa.


Kepha uJosefa wenqaba, wathi enkosikazini yomphathi wakhe: “Umphathi wami akakhathazeke ngalutho endlini yakhe, futhi ukunikele konke ezandleni zami.


U-Abhrahama watshela inceku yakhe eyase ikhulile, futhi yengamele indlu yakhe, nakho konke ayenakho, wathi: “Faka isandla sakho phansi kwethanga lami.


ningenzele uzwelo nangiphatha ngomusa nangiphephisa. Kodwa angikwazi ukubalekela ezintabeni, funa ngehlelwe yinhlekelele, ngibhubhe.


Uyambona umuntu onekhono, uyosebenzela amakhosi, hhayi abantukazana.


Inceku eyenza okuhlakaniphileyo iyabusa phezu kwendodana ehlazisayo; iyakudla ifa njengomunye wezelamani.


Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu, wenza izitha zakhe zihlalisane ngokuthula naye.


UJakobe wathi: “Qha, uma ngifumene umusa kuwe, samukele isipho esivela kimi, ngokuba ukubona ubuso bakho nje kufana nokubona ubuso bukaNkulunkulu, njengoba ungamukele ngomusa ongaka.


Wathi: “Nkosi yami, uma uthanda mawungayidluli inceku yakho.


Isisa senkosi sisencekwini ehlakaniphileyo, kepha intukuthelo yayo ikulabo abenza okuyihlazo.


USawule wathumela kuJese, wathi: “Mvumele uDavide abe yisikhonzi sami, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.”


U-Esawu wathi: “Ngabe iyini injongo yakho ngayo yonke le mihlambi engihlangane nayo na?” Wamphendula wathi: “Ukuba ngithole umusa enkosini yami.”


Nginezinkomo, izimbongolo, izimvu, izinceku zesilisa nezesifazane, ngakho-ke ngithumele ukuyazisa inkosi yami ukuze ngifumane umusa kuyo.’ ”


U-Abhrama waphendula wathi: “Nkosi Simakade, uzonginikani njengoba ngingenamntwana nje? Ngisho nefa lami imbala lizodliwa ngu-Eliyezeri waseDamaseku.”


UZimri, umkhuzi wengxenye yempi yezinqola zakhe, wamenzela ugobe. Ngesikhathi eseThiriza ezigcingca ngotshwala endlini ka-Ariza, owayengamele isigodlo sakhona,


Inceku yamphendula yathi: “Yintombazane yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakhona.


Umntwana uSamuweli waqhubeka wakhula, waba muhle kuSimakade nakubantu.


U-Esteri waba nogazi, wathandeka kuHegayi, futhi wafumana umusa kuye, washeshe wamnika okokuziqhola nesabelo sakhe sokudla kwekhethelo. Wamnika indawo enhle kakhulu esigodlweni, waqoka izintombi eziyisikhombisa ezikhethekile esigodlweni ukuba zimnakekele.


ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite