Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 39:14 - IsiZulu 2020

14 wamemeza abendlu yakhe, wathi: “Ake nibheke, umyeni wami usilethele lo mHebheru ukuba azohlekisa ngathi. Uze kimi, wafuna ukulala nami, ngamemeza kakhulu;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 wabiza abantu bendlu, wakhuluma kubo, wathi: “Bonani usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; uze kimina ukuba alale nami; ngamemeza ngezwi elikhulu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 wabiza abantu bendlu yakhe, wakhuluma kubo, wathi: “Bhekani, usilethele umHeberu ukuba adlale ngathi; wangena kimi ukuba alale nami, futhi ngamemeza ngezwi elikhulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 39:14
21 Referans Kwoze  

Kunamvuzo muni ukubekezela lapho nishayelwa enikonileyo na? Kepha uma nibekezela lapho nihlushwa nibe nenze okuhle, lokho kuyancomeka kuNkulunkulu.


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Lo muntu simthole edukisa isizwe sakithi, esenqabela ukuba sithele intela kuKhesari, ethi nguyena onguKhristu, inkosi.”


Abaphristi abakhulu nomkhandlu wonke bafuna ubufakazi obungamanga ngoJesu, ukuze bambulale.


“Nibusisiwe nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami.


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


“Ngilaleleni nina enazi ukulunga, nina bantu abamthetho wami usezinhliziyweni zabo; ningakwesabi ukusolwa ngabantu, ningapheli amandla lapho benithuka.


Ofihla inzondo unezindebe zamanga; odalula umbiko omubi uyisiwula.


Uyoklonyeliswa ngani, uyokwenezelelwani wena lulimi lwenkohliso na?


ngenxa yezwi lesitha, nangenxa yokucindezela komubi, bagingqela okubi phezu kwami, bangizingela bengithukuthelele.


Ofakazi abaningi abayizidlova bangivukele, bangibuza ngezinto engingazaziyo.


Ngokuba empeleni ngathunjwa ezweni lamaHebheru, nalapha angenzanga lutho olufanele ukuba bangifake kulo mgodi.”


Wamtshela le ndaba, wathi: “Le nceku yomHebheru owasilethela yona, ize kimi ifuna ukulala nami;


Emveni kwesikhathi umkaPotifari wamkhanuka, wathi kuye: “Lala nami.”


Kwafika ophume ngesamagundwane isabambene, wabikela u-Abhrama umHebheru, owayakhe eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, umu-Amori, umfowabo ka-Eshikholi no-Aneri, ababenze isivumelwano no-Abhrama.


uShemu naye wazalelwa amadodana, ungukhokho waso sonke isizukulwane sabakwa-Ebhere nomnewabo kaJafethi.


ngodumo nangehlazo, ngokuhletshwa nangokutuswa, njengabakhohlisi kanti singabeqiniso,


Abaseduze nabakude nawe bayakukuhleka wena onegama elingcolileyo, ogcwele isiphithiphithi.


Kwathi ukuba abone ukuthi ushiye ingubo esandleni sakhe, wabaleka,


unele wezwa ngiphakamisa izwi lami ngimemeza, washiya ingubo yakhe eduze kwami, wabaleka, waphumela phandle.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite