Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 38:9 - IsiZulu 2020

9 U-Onani wayazi ukuthi abantwana abazalwayo ngeke babizwe ngaye, kwathi noma elala nomkamfowabo wayichithela phansi imbewu, ukuze angamvuseli umfowabo umuzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 U-Onani wayekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe; kwathi nxa engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini ukuba angamniki umfowabo inzalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 U-Onani wayesekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe; wathi engena kumkamfowabo, wathela emhlabathini ukuba angamniki umfowabo nzalo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 38:9
11 Referans Kwoze  

Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?


ngokuba lapho kukhona umhawu nobugovu, kukhona inxushunxushu nezenzo zonke ezimbi.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


Kepha uma ninomhawu onzima nobugovu ezinhliziyweni zenu, ningazigabisi, niqambe amanga nimelane neqiniso.


Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Ngokuba isiwula sibulawa ngukukhathazeka, nesiduphunga sibhujiswa ngumhawu.


NoRuthi wakwaMowabi umkaMahaloni ngimngenile ukuba abe ngumkami, ngivuse igama likamufi nefa lakhe ukuze angacinywa ezincwadini zomuzi nasemndenini. Namuhla nonke ningofakazi.”


Kuyothi izibulo alizalayo lime egameni lomfowabo ofileyo ukuze igama lakhe lingesulwa kwa-Israyeli.


UNawomi wabaphendula wathi: “Buyelani emuva madodakazi ami, nizohambelani nami, na? Asekhona yini amadodana ezibilini zami angaba ngabayeni benu, na?


Leyo nto ayenza yaba yimbi emehlweni kaSimakade, wayesembulala naye.


“Uma abozalo behlala ndawonye, omunye wabo efa engenandodana, umfazi wofileyo akayukugana umfokazi ongaphandle, kodwa umfowabo wendoda yakhe uyakumngena, amthathe abe ngumkakhe, aphelelise wonke amalungelo endoda kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite