Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 38:26 - IsiZulu 2020

26 UJuda wazibona lezo zinto, wathi: “Ulungile lo wesifazane kunami, ngokuba angimnikanga uShela indodana yami.” UJuda akabuyanga walala naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Wakuvuma uJuda, wathi: “Ulungile kunami, njengokuba ngingamnikanga uShela indodana yami.” Akabange esamazi futhi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 UJuda wazivuma, wathi: “Ulungile kunami; ngoba angimnikanga uSela indodana yami. Futhi akasamazi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 38:26
19 Referans Kwoze  

Wayesethi kuDavide: “Ulungile kunami, ngokuba wena ungiphindisele ngokuhle, kepha mina ngikuphindisele ngokubi.


Bathi ukuzwa lokho, baphuma ngamunye ngamunye, kuqala kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina. UJesu wasala yedwa nowesifazane emile khona lapho.


Ubusuku sebuyedlula, imini isisondele. Ngakho-ke masilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome ngezikhali zokukhanya.


Kepha siyazi ukuthi lokho okushiwo ngumthetho ukukhuluma kulabo abaphansi komthetho ukuze yonke imilomo ithuliswe, umhlaba wonke ubhekane necala kuNkulunkulu.


Ngakho-ke vezani izithelo ezifanele ukuphenduka.


Amehlo akho ahlanzekile ukuba ungabona ububi, nokuba ungayibheki inkathazo. Pho kungani ubukana nabakhohlisi, uthalalisa lapho omubi eshwabadela olungileyo kunaye na?


Zithwalele ihlazo lakho, ngokuba ubavunile odadewenu ngezono zakho ozenzileyo ezinengekayo; bona sebelungile kunawe. Yebo, mawujabhe, ulithwale ihlazo lakho lokubavuna odadewenu.


Ngikhulumile kanye, angisayukuphendula, yebo, kabili, kepha angisaqhubeki.”


“Uma sekufike kuwe, awusenasineke. Uma sekuthinta wena uyadangala.


Lapho uDavide eyibona ingelosi eyayibulala abantu, wathi kuSimakade: “Bheka, yimi engonile, ngenza okubi, kodwa lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”


UDavide wafika esigodlweni sakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abalishumi, abayizancinza zayo, eyayibashiyile ukuba banakekele isigodlo, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayilalanga nabo. Bavalelwa kwaze kwaba lusuku lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


U-Absalomu bammisela ithende ophahleni lwendlu. U-Absalomu walala nazo zonke izancinza zikayise phambi kuka-Israyeli wonke.


Wayesekhumula inzilo, wazemboza ngemvakazi, wahlala phansi ngasesangweni e-Enayimi, ngasemgwaqweni oya eThimna, ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, kodwa wayenganikelwe kuye ukuba abe ngumkakhe.


UJakobe eyibona, wathi: “Yingubo yendodana yami le. Isilwane esibi sasendle simdlile. Simdwengulile uJosefa waba yizicucu.”


U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wayesekhulelwa, wazala uKhayini, wathi: “Ngifumene insizwa kuSimakade.”


Namuhla ukuveze obala ukuthi ungenzele okuhle kanjani, ngokuba uSimakade unginikele esandleni sakho, kodwa wena awungibulalanga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite