Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 38:20 - IsiZulu 2020

20 UJuda wayesethumela izinyane lembuzi ngesandla somngani wakhe wase-Adulamu, ukuze kubuye izimpahla zakhe ayebambise ngazo kowesifazane, kodwa akamtholanga.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UJuda wathuma izinyane lembuzi ngesandla somhlobo wakhe wase-Adulamu ukuba athathe isibambiso esandleni sowesifazane, kepha akamfumananga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UJuda wayesethumela izinyane lembuzi ngesandla somngane wakhe wase-Adulamu ukuba athathe isibambiso esandleni sowesifazane, kodwa akamtholanga.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 38:20
8 Referans Kwoze  

Ngalolo lusuku uPilatu noHerode baba ngabangani, njengokuba phambilini kwakukhona ubutha phakathi kwabo.


U-Amnoni wayenomngani, ogama lakhe kunguJonadaba, indodana ka-Shimeya, umfowabo kaDavide. UJonadaba wayengumuntu onobuqili obukhulu.


UmkaSamsoni waganiselwa umngani owayekade engumkhaphi kaSamsoni.


“ ‘Awuyukumzonda umfowenu enhliziyweni yakho. Uyomkhuza nokumkhuza umakhelwane wakho, kodwa ungabi nasono ngaye.


U-Abhimeleki wabiza u-Abhrahama wathi: “Ukwenzeleni lokhu kithi, mina nombuso wami sikone ngani uze usethwese icala elingaka na? Wenze kithi okungafanele ukwenze.”


Ngaleso sikhathi uJuda wabashiya abafowabo, wayohlala nomuntu wase-Adulama okuthiwa nguHira.


UThamari wasuka lapho, wabuyela ekhaya, wayisusa imvakazi, wagqoka inzilo yakhe.


Wayesebuza kubantu ababakhe lapho, wathi: “Saya ngaphi isifebe esasihlala eceleni komgwaqo e-Enayimi na?” Abantu bathi: “Akukaze kube khona sifebe lapha.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite