Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 38:14 - IsiZulu 2020

14 Wayesekhumula inzilo, wazemboza ngemvakazi, wahlala phansi ngasesangweni e-Enayimi, ngasemgwaqweni oya eThimna, ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, kodwa wayenganikelwe kuye ukuba abe ngumkakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayesekhumula izingubo zakhe zobufelokazi, wagubuzela, wazimboza, wahlala esangweni lase-Enayimi ngasendleleni eya eThimna, ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, engamnikwa nokho abe ngumkakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wakhumula izingubo zomfelokazi wakhe, wazimboza ngeveli, wazimboza, wahlala phansi endaweni evulekile esendleleni eya eThimna; ngoba wabona ukuthi uSela usekhulile, kodwa kamnikwanga ukuthi abe ngumkakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 38:14
9 Referans Kwoze  

UJuda wazibona lezo zinto, wathi: “Ulungile lo wesifazane kunami, ngokuba angimnikanga uShela indodana yami.” UJuda akabuyanga walala naye.


“Phakamisela amehlo akho emadulini angamaqwaqwasi, ubone, kukuphi lapho ongazinikelanga kwalalwa khona nawe na? Ubahlalele ngasezindleleni, ubufana nomArabhi ehlane, walingcolisa izwe ngobufebe nangobubi bakho.


manje usesemigwaqweni, nanguya esesezigcawini, uyacutha emajikeni wonke.


Wathi encekwini: “Ngubani lo muntu ohamba laphaya ensimini ozosihlangabeza na?” Inceku yathi: “Yinkosi yami.” URibheka wathatha imvakazi, wazemboza ngayo.


Ekuqaleni kwayo yonke imigwaqo, wakha izindawo zakho eziphakemeyo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, imilenze yakho wayenekela bonke abedlulayo, wandisa ubufebe bakho.


UJuda embona lowo wesifazane, wacabanga ukuthi yisifebe nje, ngoba ezemboze ubuso.


Bheka, owesifazane wamhlangabeza egqokise okwesifebe, ezembozile.


UThamari wasuka lapho, wabuyela ekhaya, wayisusa imvakazi, wagqoka inzilo yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite