Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 38:10 - IsiZulu 2020

10 Leyo nto ayenza yaba yimbi emehlweni kaSimakade, wayesembulala naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kwaba kubi emehlweni kaJehova lokho akwenzileyo; wambulala naye futhi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Le nto ayenzayo yayingalungile emehlweni kaJehova; ngalokho naye wambulala.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 38:10
13 Referans Kwoze  

Amadodana kaJuda kungu-Eri, u-Onani, uShela, uPherezi, noZera. Kuwona u-Eri, no-Onani bafela eKhanani. Amadodana kaPherezi: kwakunguHezironi noHamuli.


Amadodana kaJuda: u-Eri no-Onani. U-Eri no-Onani bafela eKhanani.


Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.


UHagayi, isithunywa sikaSimakade, wayesethula umyalezo kaSimakade kubantu, wathi: “Mina nginani,” kusho uSimakade.


Kepha ngathumela kini zonke izinceku zami, abaphrofethi, ngazithumela ngiphindelela, ngithi: ‘Maningakwenzi lokhu okunengekayo engikuzondayo.’


funa uSimakade akubone lokho, kube kubi phambi kwakhe, ayisuse intukuthelo yakhe kuso.


Isikhohlakali siqunjwa phansi ukukhohlakala kwaso, kodwa olungileyo unenqaba ngisho ekufeni kwakhe.


Lokhu kwakukubi phambi kukaNkulunkulu, ngalokho-ke wamjezisa u-Israyeli.


Sesiphelile isikhathi sokulila, uDavide wathumela, wayomlanda, wamngenisa esigodlweni sakhe, wamenza umkakhe; wamzalela indodana. Kepha lokho okwenziwa nguDavide kwaba kubi emehlweni kaSimakade.


UBhileyamu wathi engelosini kaSimakade: “Ngonile ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni, umelene nami; uma kukubi ukuba ngiqhubekele phambili, ngizophindela emuva.”


Uma umuntu ona kumuntu, uNkulunkulu uyakumehlulela, kodwa uma umuntu ona kuSimakade, ngubani oyakumnxusela na?” Kepha awalalelanga izwi likayise ngokuba uSimakade wayefuna ukuwabulala.


Wayesekhala kuSimakade, ethi: “Simakade Nkulunkulu wami, kungani wehlisele lo mfelokazi engigogobele kwakhe okubi okungaka uze ubulale indodana yakhe na?”


Amadodana kaJuda: u-Eri, u-Onani noShela, laba bobathathu wabazala kumKhananikazi, uBhathi Shuwa. U-Eri, izibulo likaJuda, wenza okubi phambi kukaSimakade; uSimakade wambulala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite