Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:9 - IsiZulu 2020

9 UJosefa wabuye waphupha, wabalandisa futhi abafowabo, wathi: “Ngiphuphe ngibona ilanga, nenyanga, nezinkanyezi eziyi-11 kungikhothamela.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Waphupha elinye iphupho, walitshela abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe elinye iphupho; bheka, ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kukhothama phambi kwami.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:9
19 Referans Kwoze  

Besibopha izinyanda ensimini, kwathi inyanda yami yaphakama yema, ezenu zase ziyizungeza, zayikhothamela.”


ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala; abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso emhlabeni,


Lwakhula kwaze kwaba nasebandleni lasezulwini, lwakuphonsa phansi okunye kwebandla, nokwezinkanyezi, lwakunyathela.


UJosefa wamhlinzeka uyise, nabafowabo, nabo bonke abendlu kayise ngokudla, ngokwenani labantu abasezindlini zabo.


uJosefa wabophela inqola yakhe yempi, wakhuphuka, wamhlangabeza uyise u-Israyeli. UJosefa waziveza kuye, wamgona, wakhala isikhathi eside encike ehlombe lakhe.


“Ningabe nisapholisa maseko, yanini kubaba nifike nithi kuye: ‘UJosefa indodana yakho, ithi: uNkulunkulu ungibeke ngaba ngumbusi walo lonke iGibhithe, ungabe usalibala, yehla uze kimi.


Inkosi yami yazibuza izinceku zayo, yathi: ‘Ninaye yini uyihlo noma umfowenu na?’


UJuda nabafowabo bafika endlini kaJosefa, bamfica esekhona, base bezilahla phansi phambi kwakhe.


Bathi: “Inceku yakho ubaba ukhona, usaphila.” Baphinda bamkhothamela, bamkhulekela.


Isizathu sokuba liphindwe kabili iphupho kuFaro ngukuthi uNkulunkulu usekunqumile lokhu, futhi uzosheshe akwenze.


UJosefa wayesethi kuFaro: “Iphupho likaFaro lilodwa. UNkulunkulu umambulele uFaro ngezinto azozenza.


Wamlandisa noyise njengoba enze kubafowabo, kodwa uyise wamthethisa, wathi kuye: “Phupho lini leli oliphuphileyo na? Usho ukuthi unyoko nami nabafowenu siyokuza sikukhothamele na?”


Abafowabo bathi kuye: “Usho ukuthi uzoba yinkosi yethu usibuse na?” Yabhebhetheka kakhulu inzondo kubafowabo ngenxa yamaphupho namazwi akhe.


UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”


UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini.


Kwathi lapho uJosefa efika ekhaya, amadoda ethula isipho ayefike naso, aguqa ayesethi mbo ngobuso emhlabathini.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite