Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:5 - IsiZulu 2020

5 UJosefa waphupha iphupho, wayeselitshela abafowabo, okuthe bangalizwa bamzonda ngokwedlulele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJosefa waphupha iphupho, walitshela abafowabo, basebemzonda kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:5
20 Referans Kwoze  

Waphupha ebona isikhwelo simisiwe sisuka emhlabathini size sifinyelele ezulwini. Izingelosi zikaNkulunkulu zazenyuka zehla kuso.


Ngibanikile izwi lakho, umhlaba wabazonda, ngokuba bengesibo abawo; nami angisiye owomhlaba.


“Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami phezu kwabo bonke abantu. Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono.


Ngase ngifikelwa yiphupho, langethusa; imicabango embhedeni wami nemibono emqondweni wami yangesabisa.


UJosefa wawakhumbula amaphupho ayewaphuphile. Wayesethi kubo: “Niyizinhloli, nize ukuzohlola ukuthi leli lizwe lintenga ngakuphi.”


Ngokuba iNkosi uSimakade ayenzi lutho ingayambulanga imfihlakalo yayo ezincekwini zayo abaphrofethi.


Wayesethi: “Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umphrofethi phakathi kwenu, Mina Simakade ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume naye ngephupho.


Abafowabo bakubona ukuthi uyise umthanda kunabo bonke abafowabo, ngakho-ke bamzonda, futhi ababe besakwazi ukukhuluma kahle naye.


EseGibheyoni uSimakade wabonakala kuye ngephupho ebusuku, uNkulunkulu wathi kuye: “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe khona.”


Ngonyaka wesibili wokubusa kukaNebukhadinezari, uNebukhadinezari waphupha amaphupho; umoya wakhe wakhathazeka, wayeseqwasha.


USimakade ungumngani walabo abamesabayo, ubafundisa ukuba basazi isivumelwano sakhe.


Abacibayo bamhlasela kanzima, bembambele amagqubu, futhi bangamaciko okuciba.


Emva kweminyaka emibili, uFaro waphupha emi ngasemfuleni.


Ngobunye ubusuku bobabili, umphathindebe nombhakizinkwa benkosi yaseGibhithe, ababevalelwe ejele, yilowo nalowo waphupha; yilelo nalelo phupho lalichaza okuthile.


Abafowabo bathi kuye: “Usho ukuthi uzoba yinkosi yethu usibuse na?” Yabhebhetheka kakhulu inzondo kubafowabo ngenxa yamaphupho namazwi akhe.


“Ngesikhathi sokukhwelana kwemihlambi ngake ngaba nephupho, ngabheka phezulu ngabona ukuthi izimpongo ezazikhwela zazinemishu, zimabhadubhadu, ezinye ziyihunqu.


Ingelosi kaNkulunkulu yayisithi kimi ephusheni: ‘Jakobe!’ “Ngathi: ‘Ngilapha.’


Wathi kubo: “Ake nizwe iphupho engiliphuphileyo.


UNkulunkulu wafika ebusuku ngephupho ku-Abhimeleki, wathi: “Uyabona, uzokufa ngenxa yalo wesifazane omthathile; ungumkamuntu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite