Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:4 - IsiZulu 2020

4 Abafowabo bakubona ukuthi uyise umthanda kunabo bonke abafowabo, ngakho-ke bamzonda, futhi ababe besakwazi ukukhuluma kahle naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Lapho abafowabo bebona ukuthi uyise wayemthanda ngaphezu kwabo bonke abafowabo, bamzonda futhi babengakwazi ukukhuluma naye ngokuthula.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:4
19 Referans Kwoze  

U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusisa ngaso. Wazindla enhliziyweni yakhe wathi: “Izinsuku zokulilela ubaba zingafika noma yinini. Uma sezedlule ngizombulala umfowethu uJakobe.”


Kepha uma umuntu, ethi: “Ngiyamthanda uNkulunkulu,” kodwa ezonda umzalwane wakhe, ungumqambimanga. Ngokuba lowo ongamthandi umzalwane wakhe ambonayo angemthande uNkulunkulu angambonanga.


kungabi njengoKhayini owaba ngowomubi, wabulala umfowabo; wambulalelani na? Ngokuba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.


Kepha ozonda umzalwane wakhe, usebumnyameni, uhamba ebumnyameni, akazi lapho eya khona, ngokuba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe.


Abangizondela ize baningi ukwedlula izinwele ekhanda lami, baningi abafuna ukungibhubhisa; izitha zami zingethwesa icala ngeze. Kumele ngibuyisele engingakwebanga.


U-Eliyabe, umfowabo omdala, wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye nobani leziya zimvu ezingengakanani ehlane? Ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, wehlile ukuba uzobona impi.”


UJosefa waphupha iphupho, wayeselitshela abafowabo, okuthe bangalizwa bamzonda ngokwedlulele.


kodwa uKhayini nomnikelo wakhe wakushaya indiva. UKhayini wathukuthela wagana unwabu, wahwaqabala ebusweni.


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


Izitha zami ziphilile, zinamandla, baningi abangizondela ize;


Abacibayo bamhlasela kanzima, bembambele amagqubu, futhi bangamaciko okuciba.


Abafowabo baba nomona ngaye, kodwa uyise wawagcina enhliziyweni yakhe lawo maphupho.


Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


Kanjalo uma nendlu yehlukene yodwa, leyo ndlu ayisoze yema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite