Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:34 - IsiZulu 2020

34 UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wembatha isaka okhalo lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 UJakobe waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu yesaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:34
32 Referans Kwoze  

URubeni wabuyela emgodini, washaqeka engasamfici uJosefa lapho, wayeseklebhula izingubo zakhe.


UDavide wathi kuJowabe nakubantu bonke ababenaye: “Klebhulani izingubo zenu, nibhince indwangu eyisaka, nilile phambi kuka-Abhineri.” Inkosi uDavide yalandela uhlaka.


Ngiyakubanika igunya ofakazi bami ababili ukuba baphrofethe izinsuku eziyi-1 260, bembathiswe indwangu eyisaka.”


Kepha bathi ukuba abaphostoli, uBharnabha noPawula, bezwe ngalokhu, baklebhula izingubo zabo, baphuthuma esixukwini, bamemeza,


Umphristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisabadingelani ofakazi na? Nani senizizwele ngezindlebe zenu ehlambalaza.


“Maye, kuwe Khorazini! Maye, kuwe Bhethsayida! Ngokuba ukuba le misebenzi yamandla eyenziwe kini, yayenziwe eThire naseSidoni, ngabe kudala yambatha isaka, yazithela ngomlotha, yaphenduka.


Dabulani izinhliziyo zenu, hhayi izingubo zenu, nibuyele kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unomusa nesihawu, uyephuza ukuthukuthela, unesihe nothando olungenamkhawulo, uyaxolela angabe esajezisa.


Inkosi nezinceku zayo ezezwa wonke lawo mazwi, azesabanga, futhi aziziklebhulanga izingubo zazo.


U-Eliyakimi, indodana kaHilikiya owayengamele indlu, noShebhina umbhali, noJowa, indodana ka-Asafa, umabhalane, baya kuHezekiya sebedabule izingubo zabo, bamlandisa amazwi kaRabi Shake.


Thuthumelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo, khumulani nibe nqunu, nibophe izinkalo zenu.


Isaka ngalenza isembatho sami, ngaba yisaga kubo.


Kuthe besebuqamama baphakamisa amehlo abo, kodwa abambonanga ukuthi nguye; badazuluka bakhala, kwayilowo nalowo waklebhula ingubo yakhe, bazithela amakhanda ngothuli beluphonsa phezulu.


UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka,


Kwathi ngosuku lwama-24, lwaleyo nyanga, abakwa-Israyeli bahlangana ngosuku lokuzila ukudla, bembatha indwangu eyisaka, bazithela ngenhlabathi.


UDavide waphakamisa amehlo akhe wayibona ingelosi kaSimakade imi emkhathini womhlaba nezulu, ikhokhe inkemba esandleni sayo iyelulele phezu kweJerusalema. UDavide namalunga babembethe ingubo yesaka base bekhothama bathi mbo ngobuso.


Kwathi ukuba inkosi uHezekiya izwe lokho, yaklebhula izingubo zayo, yembatha indwangu eyisaka, yangena endlini kaSimakade.


Kwathi ukuba u-Ahabi ezwe lawo mazwi, waklebhula izingubo zakhe, wembatha indwangu eyisaka, wazila, walala endwangwini eyisaka, wazulazula ehamba enjengolahliweyo.


Izinceku zakhe zathi kuye: “Sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa; ake sibhince indwangu eyisaka okhalo lwethu nezintambo emakhanda ethu, siphume siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.”


UDavide wabamba izingubo zakhe waziklebhula, enza kanjalo namadoda wonke ayenaye.


UJoshuwa wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi mbo ngobuso emhlabathini phambi komphongolo kaSimakade kwaze kwaba kusihlwa, yena namalunga akwa-Israyeli bazithela ngothuli emakhanda.


UJakobe wathi: “Indodana yami ayiyukwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, manje nguye yedwa osele, uma ehlelwa yingozi endleleni, niyokwenza ukuba ngiye kwelabafileyo nginomunyu.”


Base beklebhula izingubo zabo, bagibelisa imithwalo ezimbongolweni, babuyela emzini.


U-Elisha wakubona lokho, wamemeza, wathi: “Baba, baba, inqola yempi ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!” Akabange esambona futhi; wabamba izingubo zakhe waziklebhula kabili.


Kwathi lapho inkosi iwezwa amazwi ayesencwadini yomthetho, yaklebhula izingubo zayo.


U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza bamduduza.


“Ngithungele indwangu eyisaka esikhumbeni sami; ngabeka amandla ami othulini.


Wonke amakhanda ayizimpandla, zonke izilevu zigundiwe, nazo zonke izandla zinqunyiwe; kukhona indwangu eyisaka okhalo.


Lapho eyibona, waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Hawu, ndodakazi yami, waze wangilaya, wangibangela ukuhlupheka okukhulu. Phela ngivule umlomo wami ngakhuluma kuSimakade, manje angisakwazi ukusihoxisa isifungo sami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite