Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:27 - IsiZulu 2020

27 Asimthengisele abakwa-Ishmayeli engenamyocu, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu.” Abafowabo bamlalela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Wozani sithengise ngaye kwabakwa-Ishmayeli, isandla senu singabi phezu kwakhe, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu.” Abafowabo bamlalela.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Wozani simthengise kwabakwa-Ishmayeli, isandla sethu masingabi phezu kwakhe; ngokuba ungumfowethu nenyama yethu. Abafowabo basutha.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:27
15 Referans Kwoze  

Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu, uma ezuza izwe lonke, kepha alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini angayikhipha umuntu, ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?


Base behlanganisa amakhanda, bavumelana bathi: “Impela sinecala ngomfowethu, salubona usizi enhliziyweni yakhe, esincenga ukuba simhawukele, kodwa asimlalelanga, yingakho sivelelwa yinkathazo enje.”


USawule wathi kuDavide: “Bheka, indodakazi yami endala, uMerabi, ngizokuganisela yona, ibe ngumkakho. Wena yiba yiqhawe lami nje kuphela, ulwe izimpi zikaSimakade.” Ngokuba uSawule wathi: “Makungabi yisandla sami esimenzakalisayo, kodwa makube yisandla samaFilisti.”


isinamoni, okunephunga elimnandi, impepho, amafutha okuqhola, inhlaka, iwayini, amafutha omnqumo, impuphu ecolisekileyo, ukolo, izinkomo, izimvu, amahhashi, izinqola, izigqila, imizimba nemiphefumulo yabantu.


izifebe, abesilisa abalalanayo, abathumba abantu, abaqambimanga, abafunga amanga, nanoma yikuphi okunye okuphambene nemfundiso elungileyo;


wathi: “Niyakunginika ini, uma ngimkhaphela kini na?” Base bemkalela, bamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-30.


Ngathi kulo: “Sisanda kubahlenga ngokusemandleni ethu abafowethu abangabaJuda, abebekade bethengiselwe ezinye izizwe; manje senidayisa ngabafowenu, sekufanele sibathenge kini na?” Bathula bathi du, ngoba bengenamazwi okuphendula.


Kungani wedelele izwi likaSimakade, wenza okubi emehlweni akhe na? Ubulele ngenkemba u-Uriya, umHithi, wathatha umkakhe wamenza umkakho. Wambulala ngenkemba yabakwa-Amoni,


kodwa uma leso sigqila siphile izinsukwana ezimbili noma ezintathu ayiyukujeziswa, ngokuba isigqila siyimpahla yayo.


“Noma ngubani othumba omunye, athengise ngaye noma atholakale kuye, kufanele abulawe.


Ningalichithi igazi! Mphonseni emgodini khona lapha ehlane, ningambeki isandla!” Wayefuna ukumphephisa kubo ukuze amphindisele kuyise.


ULabani wayesethi kuye: “Impela uyithambo lami nenyama yami.” UJakobe wahlala naye inyanga yonke.


Nakuba nangakhela uzungu nifuna ukungenzakalisa, kodwa uNkulunkulu wayehlose okuhle, ukuze namuhla kusindiswe izinkumbi zabantu.


Siyafana nabafowethu, nezingane zethu ziyafana nezabo, kodwa siphoqa amadodana ethu namadodakazi ethu ukuba abe yizigqila; asinamandla, amasimu ethu nezivini zethu manje sekungokwabanye.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite