Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:25 - IsiZulu 2020

25 Bahlala phansi, badla; kuthe bephakamisa amehlo, babona ihele labakwa-Ishmayeli liqhamuka kwaGileyadi, amakameli abo ethwele inhlaka, nebhalisamu, nemure, bekwehlisela eGibhithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Bahlala phansi ukuba badle isinkwa, baphakamisa amehlo abo, babheka, bheka, kwafika isixuku sabakwa-Ishmayeli bevela kwaGileyadi namakamela alo ethwele izinongo, nebhalisamu, nomure, behlela ukukwehlisela eGibithe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:25
22 Referans Kwoze  

Uyise u-Israyeli wathi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu: thathani okwekhethelo okuvela emhlabathini lapha, nikufake emasakeni enu, nifike nikuphe lowo muntu: ingcosana yebhalisamu, uju, amakha, inhlaka, amantongomane, nama-alimondi,


Kwathi lapho kwedlula abahwebi bakwaMidiyani, bamkhipha uJosefa emgodini, bamthengisa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu zesiliva ezingama-20, ababe sebemthatha bahamba, baya naye eGibhithe.


Alikho yini ibhalisamu kwaGileyadi na? Ayikho yini inyanga lapho na? Pho abelashwa ngani abantu bami na?


AbakwaMidiyani bamthengisa uJosefa eGibhithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi.


Baphuza iwayini ngezindebe, bazigcobe ngamafutha ekhethelo, kodwa abadabuki ngokubhujiswa kukaJosefa.


“Khuphukela kwaGileyadi, ubuthe ibhalisamu, wena ntombi, ndodakazi yaseGibhithe, uyisebenzisela ize imithi eminingi, ngeke waphulukiswa.


“Injena-ke indlela yowesifazane ophingayo: uyadla, bese esula umlomo wakhe, athi: “Angenzanga okubi.”


Abaqondi lutho bonke abenza okubi, abadla abantu bami sengathi badla isinkwa, bengakhuleki kuSimakade.


UJosefa bamthatha baya naye eGibhithe, uPotifari, esinye sezikhulu zikaFaro, umphathi wabaqaphi, wamthenga kwabakwa-Ishmayeli ababefike naye.


Wayesethatha izihlobo zakhe wamlandela izinsuku eziyisikhombisa, waze wamfica kwelezintaba kwaGileyadi.


amathende ka-Edomi aka-Ishmayeli, akaMowabi nakaHagari,


Izigijimi zashesha njengoba zaziyalwe yinkosi; kwashaywa umthetho enhlokomuzi iShushani. Inkosi noHamani bahlala phansi baphuza, kodwa kwaba nokudideka okukhulu emzini iShushani.


Wabaleka nakho konke ayenakho, waqala wawela umfula, walibangisa kwelezintaba kwaGileyadi.


Bamthatha, bamphonsa emgodini owawomile, ungenamanzi.


neGileyadi nesifunda samaGeshuri, namaMahakhathi, nayo yonke intaba iHermoni, nalo lonke iBhashani kuya eSalekha,


Ngokuba usho kanje uSimakade ngesigodlo senkosi yakwaJuda, uthi: “Ufana neGileyadi kimi, nanjengesicongo seLebhanoni, kodwa ngiyokwenza ube yihlane nemizi okungahlali muntu kuyo.


“Uhlangothi olusempulanga, lusukela phakathi kweHawurana neDamaseku, naphakathi kweGileyadi nakwa-Israyeli. Lolu luyakuba yiJordani; luyakusuka kulo mngcele luze lufike olwandle empumalanga naseThamari. Lolu-ke wuhlangothi olusempumalanga.


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


Balala emibhedeni ehlotshiwe ngophondo lwendlovu, bazelule ezihlalweni zabo ezinofonofo, badle amawundlu omhlambi namathole aphuma esibayeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite