Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:2 - IsiZulu 2020

2 Lena yindaba kaJakobe nezizukulwane zakhe. Kwathi uJosefa eseneminyaka eyi-17, elusa umhlambi nabafowabo ababezalwa nguBhiliha noZilipha, abafazi bakayise, uJosefa wabika umbiko omubi ngabafowabo kuyise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Lokhu kuyindaba kaJakobe. UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Lezi ziyizizukulwane zikaJakobe. UJosefa, owayeneminyaka eyishumi nesikhombisa, walusa umhlambi kanye nabafowabo; indodana yayikanye namadodana kaBiliha kanye namadodana kaZilipa abafazi bakayise; uJosefa waletha umbiko wabo omubi kuyise.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:2
17 Referans Kwoze  

Ngokuba okokuqala, uma nihlangana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwehlukana phakathi kwenu; lokho nganxanye ngiyakukholwa.


Kwathi u-Israyeli esehleli kulelo lizwe, uRubeni walala noBhiliha isancinza sikayise. Uyise u-Israyeli wezwa ngaleyo ndaba. UJakobe wayenamadodana ali-12.


Impela kubikwa ukuthi kudlange ubufebe phakathi kwenu, futhi lobu obungekho ngisho nakwabezizwe: njengokuba kubikwa ukuthi omunye wenu ulala nomkayise.


Ngokuba bazalwane bami, bangitshelile ngani abendlu kaKlowe ukuthi kukhona ukungaboni ngaso linye phakathi kwenu.


Izwe ngeke linizonde nina, kodwa Mina liyangizonda, ngokuba ngifakaza ngalo ukuthi imisebenzi yalo mibi.


ULeya esebona ukuthi usemile ukuzala, wathatha isisebenzi sakhe uZilipha wasinikela kuJakobe ukuba sibe yisancinza sakhe.


Wamnika uBhiliha, isisebenzi sakhe saba yisancinza sakhe, uJakobe walala naye.


Nanku umlando wamadodana kaNowa: uShemu, uHamu, noJafethi; nawo azala awawo amadodana emva kukazamcolo.


Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.


Nantu uhla lozalo luka-Adamu. Ngesikhathi uNkulunkulu edala umuntu wamenza wanjengaye.


Nanku umlando wokudalwa kwezulu nomhlaba, lapho uSimakade uNkulunkulu ekwenza.


UJosefa wayeneminyaka engama-30 ngesikhathi eqala ukusebenzela uFaro inkosi yaseGibhithe. UJosefa waphuma phambi kukaFaro, wahamba kulo lonke iGibhithe.


UJosefa wababona abafowabo, kodwa bona abambonanga.


Niyayibona le ndlala ekhona ezweni isathathe iminyaka emibili, isazoqhubeka eminye emihlanu kungalinywa, kungavunwa.


Niyothi: ‘Izinceku zakho selokhu kwathi nhlo zingabantu bemfuyo, thina nawobaba,’ ukuze anivumele nihlale eGosheni, ngokuba kwabaseGibhithe abelusi bayanengeka.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite