Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:14 - IsiZulu 2020

14 Wathi kuye: “Hamba uyobona ukuthi abafowenu nemfuyo basaphatheke kahle yini, bese ungilethela umbiko.” Wamthuma esuka esigodini eHebhroni, waze wayofika eShekhemu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayesethi kuye: “Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi.” Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, waze wafika eShekemi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Wathi kuye: “Hamba, ubheke ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi; futhi ungilethele izwi futhi. Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, wafika eShekemi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:14
22 Referans Kwoze  

UJakobe wafika kuyise u-Isaka eMamre, iKhiriyathi Arbha, okuyiHebhroni, lapho u-Abhrahama no-Isaka babekade begogobele khona.


Wathi: “Sengathi ngabe nawe ubuwazi ngalolu lusuku, lokho okungakulethela ukuthula. Kepha manje kufihlakele emehlweni akho.


kodwa abaphambukela ezindleleni zabo ezigwegwileyo, uSimakade uzobaxosha kanye nabenza okubi. Ukuthula makube phezu kuka-Israyeli.


Funani inhlalakahle yomuzi lapho nithunjelwe khona, niwukhulekele kuSimakade, ngokuba inhlalakahle yawo kuyoba yinhlalakahle yenu.”


Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lozalo lwakhe kuze kube phakade, kepha kuDavide, nasozalweni lwakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuSimakade.”


Inkosi yathi kumKhushe: “Kuhamba kahle yini ngensizwa u-Absalomu,na?” UmKhushe wathi: “Izitha zenkosi yami, inkosi, nabo bonke abayivukelayo mababe njengaleyo nsizwa.”


UJoshuwa wambusisa, iHebhroni walinika uKhalebhu, indodana kaJefune, laba yifa lakhe.


Benyukela ngaseningizimu, bafika eHebhroni; lapho kwakukhona u-Ahimani, uSheshayi, uThalimayi, nalabo abayizizukulwane zika-Anaki. IHebhroni lalakhiwe iminyaka eyisikhombisa ngaphambi kokwakhiwa kweZowani, eGibhithe.


UJosefa wamphendula uFaro, wathi: “Angikwazi ukukwenza lokho; nguNkulunkulu ozochazela uFaro ngendlela egculisayo.”


Wayesethi kubo: “Ngabe usaphila yini na?” Bathi: “Yebo, usaphila. Nansi indodakazi yakhe uRaheli iza nezimvu.”


Wafela emzini waseKhiriyathi Arbha, okusho ukuthi eHebhroni eKhanani. U-Abhrahama wangena, walila ngoSara.


U-Abhrama wayesesusa ithende lakhe, wahamba, wafike wahlala eduze kwezihlahla ezinkulu zemi-okhi eMamre, eHebhroni, wayesemakhela khona uSimakade i-althare.


Igama leHebhroni kuqala kwakuyiKiriyathi Arbha; lo Arbha wayengumuntu omkhulu phakathi kwama-Anaki. Izwe laphumula ekulweni.


U-Abhrahama wamngcwaba umkakhe uSara emgedeni osensimini eseMakhaphela ebhekene neMamre okuyiHebhroni eKhanani.


Umuntu mumbe wamfumana ezulazula endle, wambuza wathi: “Ufunani lapha na?”


IHebhroni laba yifa likaKhalebhu, indodana kaJefune umKhenizi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela ngenhliziyo epheleleyo uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli.


UJuda walwa namaKhanani ayehlala eHebhroni, okwakuthiwa yiKiriyathi Arbha, babulala uSheshayi, u-Ahimani, noThalimayi.


U-Uriya wafika kuye, uDavide wayesebuza ukuthi unjani uJowabe, nokuthi impi ihamba kanjani.


Wawabuza impilo wathi: “Iphila kanjani indoda endala enguyihlo enangitshela ngayo na? Isawadla yini anhlamvana na?”


UDavide wayishiya impahla yakhe kumlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo wababuza impilo.


Nsuku zonke uMoridekhayi wayezidlisa satshanyana ngasesangweni lendlu yabesifazane, ukuze ahogele ukuthi uqhuba kanjani u-Esteri, nokuthi yini ezokwenzeka kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite