Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 37:11 - IsiZulu 2020

11 Abafowabo baba nomona ngaye, kodwa uyise wawagcina enhliziyweni yakhe lawo maphupho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Abafowabo basebemhawukela; kodwa uyise waligcina ilizwi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 37:11
20 Referans Kwoze  

“Okhokho baba nomhawu ngoJosefa, base bethengisa ngaye eGibhithe, kodwa uNkulunkulu wayenaye.


Wehla nabo, wafika eNazaretha, wabathobela. Kepha unina wawalonda wonke lawo mazwi enhliziyweni yakhe.


Kepha uMariya wawalonda wonke lawo mazwi, ezindla ngawo enhliziyweni yakhe.


“Nasi-ke isiphetho sendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, ubuso bami baphaphatheka, kodwa ngayigcina leyo ndaba enhliziyweni yami.”


Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


umhawu, ukudakwa nokuxokozela, izinto ezifana nalezi engiqeda ukunitshela ngazo, njengokuba ngasho, abenza lezi zinto abanakulidla ifa loMbuso kaNkulunkulu.


Kepha abaJuda, bebona izixuku, bagcwala umona baqala ukuphikisana nokwakushiwo nguPawula futhi behlambalaza.


UPilatu wayazi kahle ukuthi abaphristi abakhulu bamnikele ngenxa yomona.


UPilatu wayazi ukuthi uJesu bamnikele ngenxa yomona.


Simakade, isandla sakho siphakeme, kodwa abasiboni. Mababone intshisekelo yakho ngabantu bakho, babe namahloni; bazoqothulwa ngumlilo owubekele izitha zakho.


Umona ka-Efrayimi uyophela, nalabo abahlukumeza uJuda bayakunqunywa; u-Efrayimi akaseyukuba nomona ngoJuda, noJuda akaseyukumhlukumeza u-Efrayimi.


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Baba nomona ngoMose ekamu, nango-Aroni ongcwele kaSimakade.


Wathi kuyo: “Woza ungene, wena obusisekile kaSimakade. Usameleni ngaphandle lokhu sengikulungisele indlu nendawo yamakameli akho na?”


Ngelinye ilanga abafowabo bakaJosefa bahamba nomhlambi kayise beyowelusela eShekhemu.


UJosefa wawakhumbula amaphupho ayewaphuphile. Wayesethi kubo: “Niyizinhloli, nize ukuzohlola ukuthi leli lizwe lintenga ngakuphi.”


USawule wathukuthela kakhulu, laba libi lelo lizwi emehlweni akhe, wathi: “Banike uDavide izinkulungwane ezilishumi, kodwa mina banginike izinkulungwane nje; osekumsalele ngumbuso kuphela.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite