Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 36:43 - IsiZulu 2020

43 uMagidiyeli no-Iramu. Laba babeyizikhulu kwa-Edomi ezifundeni ababakhe kuzo, ezweni elaliyifa lazo. U-Esawu ngukhokho wabakwa-Edomi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu; yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi ngokwakha kwabo ezweni elaliyifa labo; nguyena u-Esawu uyise wabakwa-Edomi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 umnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu; yizo ezo izikhulu zakwaEdom ngeendawo zazo zokuhlala ezweni lefa lazo: nguEsawu uyise wamaEdom.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 36:43
15 Referans Kwoze  

UMehonothayi wazala u-Ofira. UZeraya wazala uJowabe, uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babengabakhandi.


ningalwi nabo, ngokuba angiyukuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, ngokuba iSeyiri ngalinika u-Esawu ukuba libe yifa lakhe.


UMose eseKadeshi wathumela izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: “Usho kanje umfowenu u-Israyeli: ‘Uyabazi bonke ubunzima esihlangabezane nabo,


Izikhulu zakwa-Edomi zaba netwetwe; izikhulu zakwaMowabi zathuthumela; zonke izakhamuzi zaseKhanani zaphelelwa ngamandla.


Ngakho-ke akunina enangithuma lapha, kodwa nguNkulunkulu ongenze uyise kaFaro, nombusi ophethe endlini yakhe, naphezu kwezwe lonke iGibhithe.


Nazi izikhulu ezavela emadodaneni ka-Esawu: amadodana ka-Elifazi, izibulo lika-Esawu, kwakunguThemani, u-Omari, uZefo, uKhenazi,


U-Esawu wathi kuJakobe: “Ake ungiphe kuleso silovela sakho esibomvu, ngafa yindlala.” Kungakho kuthiwa ungu-Edomi.


Nazi izizukulwane zika-Ishmayeli indodana ka-Abhrahama, ayizalelwa yisigqila sikaSara, uHagari umGibhithe.


uKhenazi, uThemane, uMibhizari,


UJakobe wakha eKhanani, ezweni okwakukade kuhlala kulo uyise.


uMagidiyeli no-Iramu. Yilezo-ke izikhulu zakwa-Edomi.


Nantu uhla lwezizukulwane zika-Esawu, ukhokho wabakwa-Edomi, ababehlala kwelezintaba eSeyiri.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite