Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 35:5 - IsiZulu 2020

5 Baphuma bahamba, kodwa abantu bezigodi ezazibazungezile, uNkulunkulu wabafaka ingebhe abaze bawaxosha amadodana kaJakobe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Basuka, ukwesaba uNkulunkulu kwaba phezu kwemizi eyayibazungezile, kabawasukelanga amadodana kaJakobe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 35:5
16 Referans Kwoze  

“Ngiyokwenza abantu abamelene nawe bangesabe; ngilethe ukudideka phakathi kwabantu olwa nabo, ngenze zonke izitha zakho zikubalekele.


Yonke imibuso yamazwe azungeze elakwaJuda jikelele yehlelwa yingebhe ngoSimakade, ayizange ilwe noJehoshafathi.


Bazoba nokwesaba okukhulu, ngoba uNkulunkulu umi naso isizukulwane sabalungileyo.


Kwathi lapho wonke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo wonke amakhosi amaKhanani ayegudle ulwandle, ezwa ukuthi uSimakade womise amanzi eJordani baze bawela bonke abantu bakwa-Israyeli, angenwa ngamanzi emadolweni, aphelelwa yisibindi ngenxa yabantu bakwa-Israyeli.


Akuyukuba bikho muntu oyoma phambi kwenu. USimakade uNkulunkulu wenu uyakufaka uvalo nokwesaba ngani ezweni lonke eniyakunyathela kulo, njengalokhu akhuluma kini.


Ngokuba ngiyozixosha izizwe phambi kwakho, ngandise imingcele yakho, akukho muntu oyonxanela izwe lakho lapho ukhuphuka ukuyobonakala kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho.


Bayibhubhisa yonke imizi ezungeze iGerari, ngokuba behlelwa wuvalo olwaluvela kuSimakade. AbakwaJuda baphanga yonke imizi ngokuba kwakunempango eningi kuyo.


Kwaba khona ukuthuthumela enkanjini, endle, nakubo bonke abantu. Ibutho nabaphangi bathuthumela, umhlaba wazamazama, kwaba ngukuthuthumela okukhulu.


Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wathumela izithunywa nazo kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli, wathi: “Ongezukuphuma alandele uSawule noSamuweli kuzokwenzeka kanje ezinkabini zakhe.” Ingebhe ngoSimakade yehlela phezu kwabantu, baphuma kwangathi bamuntu munye.


UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningikhathazile, nangidonsela amanzi ngomsele kubantu bezwe, kumaKhanani namaPherizi; nina niyingcosana nje, bayakuhlangana basihlasele, bangichithe mina nendlu yami.”


Baletha kuJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo, namacici ayesezindlebeni zabo. Wakuthatha wakugqiba phansi kwesihlahla somu-okhi esasiseduze neShekhemu.


Namuhla ngiyakuqala ukufaka uvalo nokukwesaba phezu kwezizwe zonke eziphansi kwezulu, lapho zizwa imibiko ngawe, ziyakuthuthumela, ziqhaqhazele ngenxa yakho.’


Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo,


U-Asa nabantu ababenaye, bawaxosha amaKhushe aze afika eGerari, afa wonke amabutho, akwaze kwasala namunye ophilayo, ngokuba abhujiswa phambi kukaSimakade nempi yakhe. Babuyela emuva nempango eningi kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite