Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 35:3 - IsiZulu 2020

3 Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Masisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare owangiphendula osukwini lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engahamba ngayo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 35:3
24 Referans Kwoze  

Uma udabula emanzini, Mina ngiyokuba nawe, nemifula ayiyukukukhukhula; nalapho udabula emlilweni, awuyukusha; ilangabi aliyukukushisa.


UJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka, wayesehlukanisa abantu ayehamba nabo, nezimvu, nezinkomo, namakameli, kwaba ngamaqembu amabili,


USimakade wathi kuJakobe: “Phindela ezweni lokhokho bakho nasezihlotsheni zakho, Mina ngizoba nawe.”


Mazise Yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.


Uma uNkulunkulu kababa ebengenami, uNkulunkulu ka-Abhrahama, noKwesaba kuka-Isaka, ngabe manje ungibuyisela emuva ngingenalutho. Kepha uNkulunkulu ukubonile ukuhlupheka nokuzikhandla kwami, wazibonakalisa kuwe ebusuku bayizolo, wakuthethisa.”


Wena sizwe esakhe eZiyoni, nina zakhamuzi zaseJerusalema, ningabe nisakhala; impela uyokwenzela umusa, lapho ezwa ukukhala kwakho, uyokuphendula.


Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo, wayesebakhulula ezinsizini zabo.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


UJakobe wasala yedwa, indoda yimbe yabambana naye kwaze kwasa.


Yazi ukuthi nginawe; ngizokuvikela noma kuphi lapho uya khona, futhi ngiyokubuyisela kuleli lizwe, ngokuba anginakukushiya ngize ngikwenzele lokho engikwethembise khona.”


Mabambonge uSimakade ngomusa wakhe nangezimangaliso zakhe kubantwana babantu.


Uyakungibiza, ngimphendule, ngibe naye lapho esosizini, ngimkhulule, ngimenze abe nodumo.


UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni.


Baletha kuJakobe bonke onkulunkulu bezizwe ababenabo, namacici ayesezindlebeni zabo. Wakuthatha wakugqiba phansi kwesihlahla somu-okhi esasiseduze neShekhemu.


Wakha lapho i-althare, leyo ndawo wayibiza ngokuthi yi-Eli Bhethele, ngokuba kulapho uNkulunkulu azibonakalisa kuye khona mhla ebalekela umnewabo.


“Nxa usuka kubo uyakuqhubeka uze ufike esihlahleni somu-okhi eThabhori, lapho uyakuhlangana nabantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBhethele. Omunye uyobe ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini.


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahambe phambi kwakhe okhokho bami o-Abhrahama no-Isaka, uNkulunkulu obe ngumelusi wami yonke impilo yami kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite