Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 34:30 - IsiZulu 2020

30 UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningikhathazile, nangidonsela amanzi ngomsele kubantu bezwe, kumaKhanani namaPherizi; nina niyingcosana nje, bayakuhlangana basihlasele, bangichithe mina nendlu yami.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningethusile, ngokungenza nginuke phakathi kwabakhileyo ezweni, phakathi kwamaKhanani namaPherizi; futhi ngimbalwa ngenani, bazongibuthanela futhi bangibulale; ngiyakuchithwa, mina nendlu yami.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 34:30
33 Referans Kwoze  

Ngaleso sikhathi babeyingcosana ngenani, yebo, babeseyingcosana, futhi babengabafokazi kulo.


U-Israyeli wonke wezwa ukuthi uSawule ubhubhise impi yamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu baqoqana ukuba balandele uSawule, baye eGiligali.


UJoshuwa wathi: “Wenzeleni ukuba usilethele inhlupheko, na? USimakade uzakukulethela inhlekelele nawe namuhla.” Bonke abantu bakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe waze wafa, babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.


Zathi kubo: “USimakade makanibheke anehlulele. Nisenze sanuka iququ phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabanika inkemba ezandleni zabo ukuba basibulale.”


Abantu bakwa-Amoni babona ukuthi bazithele ngesigcwagcwa kuDavide. UHanuni nabakwa-Amoni bathumela amathalenta esiliva ayinkulungwane ukuba baqashe izinqola nabamahhashi e-Aramu Naharayimi, e-Aramu Mahakha, naseZobha.


lapho naniseyingcosana ngesibalo, yebo, naniseyingcosana, futhi niyizihambi kulo.”


U-Akhishi wakholwa ngokwakushiwo nguDavide, wathi: “Wenze ukuba abacasukele impela abantu bakubo, abakwa-Israyeli, uzokuba yinceku yami njalo.”


Abelusi bemfuyo ka-Abhrama nabekaLothi base beqale ukuxabana. Ngaleso sikhathi amaKhanani namaPherizi ayehlala kulelo lizwe.


Othola inzuzo ngokungafanele uhlupha umndeni wakhe, kepha ozonda ukufunjathiswa uyophila.


Ohlupha indlu yakhe uyozuza ize, nesiwula siyakuba yinceku yonenhliziyo ehlakaniphileyo.


Umuntu onesihawu uwenzela okuhle umphefumulo wakhe, kepha ononya uzilimaza yena uqobo.


Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo, izibonakaliso zakhe, nezehlulelo zomlomo wakhe,


Amadodana kaKharmi: u-Akhari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo.


Kepha wathi: “Mina angimhluphanga u-Israyeli, kodwa nguwe nendlu kayihlo, ngokuba niyilahlile imiyalo kaSimakade, nalandela oBhali.


Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.


UDavide wathi enhliziyweni yakhe: “Ngelinye ilanga uSawule uzongibulala. Akukho engingakwenza, kungcono ngibaleke, ngiye ezweni lamaFilisti. USawule uzoyeka ukungifuna esifundeni sonke sakwa-Israyeli, bese ngiphunyuka kanjalo esandleni sakhe.”


Wathi uSamuweli: “Ngingahamba kanjani? USawule uzozwa, bese engibulala.” USimakade wathi: “Thatha isithole emhlanjini, uthi: ‘Ngize ukuzohlabela uSimakade.’


“USimakade akanithandanga nje kuphela, akanikhethanga kunezinye izizwe ngoba nibaningi; naniyingcosana kunezizwe zonke.


umfanekiso wesilwane esisemhlabeni, noma wenyoni enamaphiko endiza emkhathini,


Amadodana kaJosefa azalelwa eGibhithe aba mabili, ngakho-ke bonke abendlu kaJakobe abaya eGibhithe babengama-70.


Kuyothi uma amaGibhithe ekubona athi: ‘Ngumkakhe lo.’ Bese mina engibulala, kodwa wena akuyeke uphile.


Ngizokwenza ube yisizwe esikhulu, ngikubusise, ngikunike udumo, wena ube yisibusiso.


UShekhemu, indodana kaHamori, umHivi, owayebusa kulelo lizwe, wambona wamthatha, wamona, wamthela ngehlazo.


nayo yonke ingcebo, bathumba izingane, amakhosikazi, bakuphanga konke okwakusezindlini.


Bamphendula bathi: “Bekufanele yini udadewethu aphathiswe okwesifebe na?”


Bonke abantu abangena eGibhithe noJakobe, abavela okhalo lwakhe ngaphandle kwabafazi babo, babengama-66.


USimakade uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uSimakade eyakunixoshela khona.


u-Abhrama wadabula kulo waze wafika eShekhemu nasemu-okhini eMore. Ngaleso sikhathi kulelo lizwe kwakusakhe amaKhanani.


Wathi-ke u-Ahithofeli ku-Absalomu: “Hamba ulale nezancinza zikayihlo, lezo azishiyile ukuba zinakekele isigodlo; u-Israyeli wonke uyakuzwa ukuthi unengwa kangakanani nguyihlo, bese ziyaqina izandla zabo bonke abanawe.”


URezoni wamelana no-Israyeli zonke izinsuku zokuphila zikaSolomoni, ngaphezu kobubi ayebenza uHadadi, wayenengwa kakhulu ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite