Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 34:19 - IsiZulu 2020

19 Le nsizwa ayipholisanga maseko, yasoka, kwazise yayisha amashushu ngoDina, futhi ihlonishwa kakhulu kunabo bonke abendlu kayise.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Insizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayithokozile ngendodakazi kaJakobe, futhi yayinodumo kunendlu yonke kayise.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 34:19
15 Referans Kwoze  

UJabhezi wayetuseka kunabafowabo. Unina wamqamba igama wathi: “NguJabhezi,” ngoba wathi: “Ngokuba ngamzala ngobuhlungu.”


Ngakho-ke iningi labo lakholwa, nabesifazane abaqavile bamaGriki namadoda amaningana.


Kepha abaJuda bavukuza abesifazane bezizwe ababalulekile, ababekhonza nabo nezikhulu zomuzi, babavusela ukuba oPawula noBharnabha bahlushwe futhi babaxosha emikhawulweni yezwe labo.


Akusayukuthiwa ngawe uNgoshiyiweyo, nezwe lakini alisayukuthiwa yiNcithakalo; kodwa uyobizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo; ngokuba uSimakade uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


Abantu bami bayathunjwa bengazi; amadoda ahloniphekileyo abhuqwabhuqwa yindlala, nezixuku zigangadekile ngukoma.


Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, nanjengophawu engalweni yakho. Ngokuba uthando lunamandla njengokufa, isikhwele sinonya njengendawo yabafileyo, amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi elinamandla.


UNahamani, umkhuzi wempi yenkosi yase-Aramu, wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uSimakade wayenze ukuba i-Aramu linqobe ngaye, futhi wayeyiqhawe elinamandla, kodwa wayenochoko.


U-Ahimelekhi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabaqaphi bakho, nodumileyo endlini yakho na?


UBhalaki wabuye wathumela ezinye izikhulu eziningi, neziqavile kunalezo ayezithumele kuqala.


Izinkomazi ezondileyo, ezibukeka kabi, zadla lezi zokuqala ezikhulupheleyo.


UJakobe wasebenza iminyaka eyisikhombisa ukuze aganwe nguRaheli, kodwa ngenxa yothando ayemthanda ngalo uRaheli kwaba sengathi iyizinsuku ezimbalwa.


Amazwi abo ayithola indawo kuHamori noShekhemu indodana yakhe.


UHamori nendodana yakhe baphumela esigcawini somuzi, bakhuluma nezakhamuzi, bathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite