Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 33:9 - IsiZulu 2020

9 U-Esawu wathi kuye: “Nginokwanele mnawami, zigcinele wena imfuyo yakho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kepha u-Esawu wathi: “Nginokuningi, mfowethu; okwakho makube ngokwakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Wayesethi u-Esawu: “Nginokuningi, mfowethu; gcina lokho onakho kuwe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 33:9
13 Referans Kwoze  

Uyise wayesethi kuye: “Uyohlala endaweni ekude nezwe elivundileyo, lapho kungekho mazolo avela phezulu ezulwini.


Uthando lwakho lwangithokozisa kakhulu futhi lwangigqugquzela, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zivuselelekile ngawe mfowethu.


engaseyiso isigqila, kodwa okungaphezu kwesigqila, esengumzalwane othandekayo kimi, kakhulu kangakanani kuwe, enyameni naseNkosini.


Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangakanani izinkulungwane zalabo asebekholwa, ezikhona phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho!


U-Ananiya wahamba, wangena endlini, wabeka izandla phezu kukaSawula, wathi: “Sawula, mzalwane, iNkosi uJesu ebonakale kuwe endleleni obuza ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”


umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi.


Lapho uSimakade ethokozile ngezindlela zomuntu, wenza izitha zakhe zihlalisane ngokuthula naye.


Abakwa-Israyeli bakhuphuka, bayokhala phambi kukaSimakade kwaze kwaba kusihlwa; babuza kuSimakade, bathi: “Siphinde yini sisondele kubafowethu bakwaBhenjamini siyolwa nabo, na?” USimakade wathi: “Khuphukani, nilwe nabo.”


U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusisa ngaso. Wazindla enhliziyweni yakhe wathi: “Izinsuku zokulilela ubaba zingafika noma yinini. Uma sezedlule ngizombulala umfowethu uJakobe.”


USimakade wambuza uKhayini wathi: “Uphi umnawakho u-Abela na?” UKhayini waphendula wathi: “Angazi. Kanti ngingumlindi womfowethu yini na?”


“Umsundu unamadodakazi amabili, athi: ‘Siphe, siphe.’ “Kukhona izinto ezintathu ezingasuthi, nezine ezingasho ukuthi: ‘Kwanele!’:


Uyophila ngenkemba yakho, ube yisikhonzi somfowenu, kodwa lapho usumvukela uyolephula ijoka lakhe entanyeni yakho.”


UJakobe wathi: “Qha, uma ngifumene umusa kuwe, samukele isipho esivela kimi, ngokuba ukubona ubuso bakho nje kufana nokubona ubuso bukaNkulunkulu, njengoba ungamukele ngomusa ongaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite