Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 33:18 - IsiZulu 2020

18 UJakobe wafika ephephile emzini iShekhemu owawuseKhanani, evela ePhadani Aramu, wagoba amadlangala phambi komuzi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UJakobe wafika kahle emzini waseShekemi osezweni laseKhanani, evela ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UJakobe wafika eSalema, umuzi wakwaShekemi, osezweni laseKhanani, ekuphumeni kwakhe ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 33:18
16 Referans Kwoze  

Babuyiswa eShekhemu, babekwa ethuneni u-Abhrahama ayelithenge ngenani lesiliva kumadodana kaHamori eShekhemu.


U-Abhimelekhi, indodana kaJerubhali, waya eShekhemi ezihlotsheni zikanina nakubo bonke abomndeni wasekhayakonina, wathi:


UJoshuwa wayeseqoqa zonke izizwana zakwa-Israyeli eShekhemi, wabiza amalunga akwa-Israyeli, izinhloko, abehluleli, nezikhulu, bema phambi kukaNkulunkulu.


Ngakho-ke wafika eSamariya emzini okuthiwa yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa, indodana yakhe.


U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu.


UJohane naye wayebhabhadisa e-Ayenoni eduze naseSalimi, ngokuba kwakunamanzi amaningi lapho. Abantu beza, babhabhadiswa.


Yilawo-ke amagama amadodana uLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu, noDina indodakazi yakhe. Esewonke amadodana namadodakazi kaJakobe ayengama-33.


UNkulunkulu wabonakala futhi kuJakobe ngesikhathi ebuya ePhadani Aramu, wambusisa,


Hamba uye ePhadani Aramu endlini kaBhethuweli, uyihlomkhulu, ufike khona uzithathele umfazi emadodakazini kaLabani umalume wakho.


u-Abhrama wadabula kulo waze wafika eShekhemu nasemu-okhini eMore. Ngaleso sikhathi kulelo lizwe kwakusakhe amaKhanani.


U-Israyeli wathi kuJosefa: “Abafowenu abelusele yini eShekhemu na? Woza ukuze ngikuthume kubo.” UJosefa wathi: “Ngilapha baba.”


Lapho ngisesendleleni ngivela ePhadani Aramu, uRaheli wafela eKhanani kuselibangana ukufinyelela e-Efratha, ngase ngimngcwaba khona lapho eceleni kwendlela eya e-Efratha,” (eliyiBhethlehema).


UNkulunkulu ukhulumile esebungcweleni bakhe, wathi: “Ngizokunqoba, ngihlukanise iShekemi, ngisilinganise iSigodi iSukhothi.


kwafika amadoda angama-80 evela eShekhemi, eShilo, naseSamariya egunde izilevu zawo, nezingubo zawo ziklejuliwe, nawo ezisikile uqobo, ephethe ngezandla zawo iminikelo yokusanhlamvu nempepho ukuzokunikela endlini kaSimakade.


ULabani wamfica uJakobe. UJakobe wayegxumeke ithende lakhe kwelezintaba, naye-ke uLabani nezihlobo zakhe bagoba amadlangala khona kwelezintaba kwaGileyadi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite