Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:7 - IsiZulu 2020

7 UJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka, wayesehlukanisa abantu ayehamba nabo, nezimvu, nezinkomo, namakameli, kwaba ngamaqembu amabili,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka, wahlukanisa abantu ababe naye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, izigaba ezimbili;

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:7
22 Referans Kwoze  

Sizosuka lapha silibangise eBhethele, lapho ngizofike ngakhe khona i-althare likaNkulunkulu, okunguYena owangikhulula enhluphekweni engangibishe kuyo, waba nami yonke indawo lapho bengihamba khona.”


Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu bekuKhristu uJesu, bayakuzingelwa.


osiduduzayo osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, noma ngabe lunjani, ngenduduzo esiduduzwe ngayo nathi nguNkulunkulu.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”


“Bhekani lapha, ngiyanithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


UJesu wayesethi kubo: “Yini nesabe kangaka, nina eninokukholwa okuncane na?” Wavuka wayesewukhuza umoya nolwandle, kwaba nokuthula okukhulu.


UNkulunkulu wakhe uyamkhaliphisa, amfundise indlela eyiyo.


Amasu ayakukuvikela, ukuqonda kukugcine.


Bheka ngakwesokunene sami, uyabona, akukho namunye onginakekelayo, angisenasiphephelo, akekho osawukhathalela umphefumulo wami.


Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo, wayesebakhulula ezinsizini zabo.


Ngisemkhawulweni womhlaba, ngikhala kuwe lapho inhliziyo yami idangele. Ngiholele edwaleni eliphakemeyo kunami.


Ngokuba ngikuzwile ukuhleba kwabaningi, nokwesabisa nxazonke. Baceba amacebo okumelana nami; bahlongoza ukungibulala.


Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade.


Ngiyakunxusa, ngihlenge esandleni somnewethu u-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, hleze afike angihlasele mina, nabafazi bami, nezingane zami.


Umuntu omuhle unomusa, uyatshelekisa, izindaba zakhe uzisingatha ngobulungiswa.


UJakobe wathumela izithunywa ukuba zimendulele ziye kumnewabo u-Esawu, owayeseSeyiri, kwa-Edomi,


ethi emcabangweni wakhe: “Uma u-Esawu efika eqenjini lokuqala elibhubhisa, elinye liyokwazi ukuphunyuka.”


UJakobe waphakamisa amehlo, wambona u-Esawu eza namadoda angama-400. Wehlukanisa abantwana bakhe, abanye bahamba noLeya, abanye noRaheli, abanye bahamba nezancinza zombili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite