Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:2 - IsiZulu 2020

2 UJakobe ezibona, wathi kuzo: “Leli yibutho likaNkulunkulu.” Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiMahanayimu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJakobe ezibona wathi: “Lokhu kuyibandla likaNkulunkulu.” Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.*

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kwathi uJakobe ezibona wathi: Leli libutho likaNkulunkulu; waqamba leyo ndawo ngokuthi iMahanayimi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:2
17 Referans Kwoze  

U-Abhineri, indodana kaNeri, umkhuzi wempi kaSawule wayesethathe u-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, waya naye eMahanayimi,


Esizwaneni sakwaGadi bathola: iRamothi kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela umbulali, iMahanayimi namadlelo alo,


Yaphendula yathi: “Angisiye omunye walokho kokubili, kodwa ngingumkhuzi wempi kaSimakade, sengifikile ngizonisiza.” UJoshuwa wakhothama wathi mbo ngobuso emhlabathini, eyihlonipha, kodwa wathi kuyo: “Nkosi, uyiyala inceku yakho ukuba yenzeni na?”


Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi:


Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke, nimdumise nina mabandla akhe wonke.


Ingelosi kaSimakade ikanisa nxazonke kulabo abamesabayo, ibakhulule.


“Bheka, ungakuwe uShimeyi, indodana kaGera wakwaBhenjamini waseBhahurimi, owangithuka ngendlela ebuhlungu mhla ngiya eMahanayimi. Kepha wehla wangihlangabeza ngaseJordani, ngase ngifunga kuye phamabi kukaSimakade, ngathi: ‘Angiyukukubulala ngenkemba.’


UDavide wahamba waze wafika eMahanayimi, kodwa u-Absalomu nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bawela iJordani.


Wayesethi kimi: “Uyazi ukuthi ngifikeleni kuwe na? Kepha manje ngiyakubuya ukuba ngilwe nesikhulu sasePheresiya; lapho sengisukile kuso, kuyofika isikhulu saseJavani.


Buya, buya mShulami! Buya, buya ukuze sikubuke! Yini enizoyibona kumShulami na? Kunjengokusina phakathi kwamaqembu amabili.


Bongani uSimakade nina mabandla akhe wonke, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe.


U-Elisha wakhuleka, wathi: “Simakade, ake uvule amehlo ayo ukuba ibone.” USimakade wawavula-ke amehlo aleyo nceku, yabona; bheka, intaba yayigcwele amahhashi nezinqola zomlilo zika-Elisha nxazonke.


u-Ahinadaba, indodana ka-Ido eMahanayimi,


U-Abhineri, indodana kaNeri, nezinceku zika-Ishi Bhoshethi, indodana kaSawule, basuka eMahanayimi, baya eGibheyoni.


Imihla ngemihla, kwakufika abazomsiza uDavide, kwaze kwaba yimpi enkulu enjengekaNkulunkulu.


Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguSimakade Wamabandla, nguYena oyiNkosi yenkazimulo. Sela


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite