Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:12 - IsiZulu 2020

12 Wena luqobo uthe: ‘Ngizokwenzela okuhle, ngandise izizukulwane zakho zibe njengezihlabathi zolwandle ezingenakubalwa.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Wathi wena: ‘Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingebalwe ngobuningi.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Wathi wena: Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingenakubalwa ngenxa yobuningi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:12
14 Referans Kwoze  

Ngalokho-ke uNkulunkulu ethanda kakhulu ukubonisa izindlalifa zesithembiso icebo lakhe elingaguquki, waliqinisekisa ngesifungo,


nasethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongawaqambi amanga akwethembisa zingakabi bikho izikhathi zaphakade,


Uma singethembekile, Yena uhlala ethembekile, ngokuba akakwazi ukuziphika.


Izulu nomhlaba kuyakudlula, kodwa amazwi ami awasoze adlula.


ngizokubusisa impela, ngiyokwenza izizukulwane zakho zibe ziningi njengezinkanyezi esibhakabhakeni, nanjengesihlabathi ogwini lolwandle. Izizukulwane zakho ziyakunqoba izitha zazo, zidle nemizi yazo,


Ngaphezu kwalokho oyiNkazimulo ka-Israyeli akawaqambi amanga, ngokuba akasiye umuntu ukuba azisole.”


UNkulunkulu akasiye umuntu, ukuba angaqamba amanga, futhi akasiyo indodana yomuntu ukuthi angaguquka kwakushilo. Ushilo, kanakukwenza akushilo na? Ukhulumile, kanakukufeza akushilo na?


Khumbula u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe, izinceku zakho owazifunga Wena kuzo, wathi: ‘Ngiyokwandisa izizukulwane zenu zibe ngangezinkanyezi zezulu, ngizinike lonke leli lizwe enganethembisa lona, libe yifa lazo kuze kube phakade.’ ”


Izithunywa zabuyela kuJakobe zathi: “Sihambile saya kumnewenu u-Esawu, naye usendleleni ukuzokuhlangabeza, uza namadoda angama-400.”


Ngakho-ke koyedwa, owayesefana nonjengosewafa, kwavela abangangezinkanyezi zezulu ngobuningi, bengangesihlabathi esisogwini lolwandle esingenakubalwa.


OJuda no-Israyeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle, bedla, bephuza, bejabula.


“Kepha abantu bakwa-Israyeli bayakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa nakubalwa. Lapho bekuthiwa khona kubo: ‘Aniseyibo abantu bami,’ kuyakuthiwa kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite