Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 31:7 - IsiZulu 2020

7 kepha yena ungiqolile waguqula iholo lami izikhathi eziyishumi, kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukuba angilimaze.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uyihlo wangikhohlisa, waguqula inkokhelo yami kayishumi; kodwa uNkulunkulu kamvumelanga ukuthi angilimaze.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 31:7
19 Referans Kwoze  

ngikusebenzele le minyaka engama-20, eyi-14 yayo ngisebenzela amadodakazi akho omabili, kwathi eyisithupha ngasebenzela imfuyo. Phezu kwalokho waliguqula kalishumi iholo lami.


Kusemandleni ami ukuba ngikulimaze, kodwa uNkulunkulu kayihlo ukhulume nami ebusuku bayizolo, wathi: ‘Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.’


Usho kanje uSimakade Wamabandla, uthi: “Ngalezo zinsuku amadoda alishumi, avela kuzo zonke izilimi zabezizwe, ayakubamba umphetho wengubo yomuntu wakwaJuda, athi: ‘Masihambe nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’ ”


Ngokuba uSimakade uyabuthanda ubulungiswa, abathembekileyo bakhe akabashiyi. Ubalondoloza kuze kube phakade, kodwa abozalo lwababi bazobhujiswa.


AbaJuda ababakhelene nazo, bafika basixwayisa kaninginingi, bethi: “Zizofika zivela ezindaweni zonke ezihlala kuzo zizomelana nathi.”


bonke labo bantu ababone inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibhithe nasehlane nokho bangilinga lezi zikhathi ezilishumi, abaze balilalela izwi lami,


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela; uyakumisa lonke ulimi olukuvukelayo ekwehlulelweni; lokhu kuyifa lezinceku zikaSimakade nokumelwa kwazo okuvela kimi,” kusho uSimakade.


Ngalolo lusuku abesifazane abayisikhombisa bayobamba indoda eyodwa, bathi kuyo: “Sizozondla thina, sizembathise ngokwethu, kuphela nje masibizwe ngegama lakho, ususe ihlazo lethu.”


Sekuze kwaba kalishumi ningingcofa, kodwa anizange nibe namahloni okuthi ningiphathe kabi.


Kanti awumbiyelanga yini nxazonke ngothango, yena nabomndeni wakhe, nakho konke anakho, wabusisa nomsebenzi wezandla zakhe na? Imfuyo yakhe iwuchibidolo ezweni.


Lapho nginephuca ukudla okunisimamisile, abesifazane abalishumi bayakubhaka isinkwa eziko elilodwa. Bayakunilinganisela lapho besiletha kini, nidle ningasuthi.


UNkulunkulu waqhubeka ephusheni, wathi kuye: “Nami impela ngiyakwazi ukuthi lokho okwenzile ukwenze ngenhliziyo emsulwa. Yingakho ngingakuvumelanga ukuba umthinte, ngakuthiya ukuze ungoni kimi.


Uyivalile indlela yami ukuze ngingedluli, wabeka ubumnyama ezindleleni zami.


Emveni kwalezo zinto izwi likaSimakade lafika ku-Abhrama ngombono, lathi kuye: “Ungesabi Abhrama, ngiyisihlangu sakho, umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”


Ekuseni wabona ukuthi ubelele noLeya. UJakobe waya kuLabani wathi kuye: “Yini lena oyenze kimi na? Angikusebenzelanga yini ukuze ngithole uRaheli na? Ungikhohliseleni na?”


“Nquma iholo lakho ngizokunika lona.”


Kepha uNkulunkulu wayesefikile ngephupho ebusuku kuLabani, umAramu, wathi kuye: “Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.”


Ezintweni zonke zokuhlakanipha nezokuqonda inkosi eyayibabuza ngazo, yabafumanisa bedlula kalishumi zonke izanusi nabathwebulayo ababesembusweni wayo wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite