Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 31:41 - IsiZulu 2020

41 ngikusebenzele le minyaka engama-20, eyi-14 yayo ngisebenzela amadodakazi akho omabili, kwathi eyisithupha ngasebenzela imfuyo. Phezu kwalokho waliguqula kalishumi iholo lami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Le minyaka engamashumi amabili bengisendlini yakho; ngakusebenzela iminyaka eyishumi nane ngamadodakazi akho omabili, neminyaka eyisithupha ngomhlambi wakho, uguqule umvuzo wami kayishumi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Ngibe neminyaka engamashumi amabili endlini yakho; Ngakukhonza iminyaka eyishumi nane ngenxa yamadodakazi akho amabili neminyaka eyisithupha ngenxa yezinkomo zakho; futhi uwuguqule iholo lami izikhathi eziyishumi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 31:41
12 Referans Kwoze  

kepha yena ungiqolile waguqula iholo lami izikhathi eziyishumi, kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukuba angilimaze.


Ngangisendleleni njalo, ngisengozini emifuleni, kubaphangi, kubantu bakithi, kwabezizwe, ngisengozini emzini, ngisengosini ehlane, olwandle, ngisengozini nakubazalwane bamanga.


Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, futhi umusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kodwa kungesimina, kepha kungumusa kaNkulunkulu okimi.


Le minyaka engama-20 ngihleli nawe, izimvukazi nezimbuzikazi zakho azikaze ziphunze, futhi angikaze ngidle nqama yomhlambi wakho.


uhlale lapho isikhashana luze lubohle ulaka kumnewenu.


ULabani wathi kuJakobe: “Uzongisebenzela mahhala yini ngoba uyisihlobo sami na? Ngitshele ukuthi izoba yini inkokhelo yakho na?”


“Nquma iholo lakho ngizokunika lona.”


Ngangishiswa yilanga emini, ngilala obenyoni ebusuku, ngiqhuqhwa ngamakhaza,


waziyala wathi: “Niyakuthi ku-Esawu inkosi yami: ‘Ithi inceku yakho uJakobe: bengigogobele kwaLabani angaze ngashesha ukubuya kuze kube manje.


Nani niyazi ukuthi uyihlo ngimsebenzele ngokuzikhandla kangakanani,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite