Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 31:21 - IsiZulu 2020

21 Wabaleka nakho konke ayenakho, waqala wawela umfula, walibangisa kwelezintaba kwaGileyadi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni yakwaGileyadi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Wabaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, wabhekisa ubuso bakhe ezintabeni zakwaGileyadi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 31:21
18 Referans Kwoze  

Kwase kusuka uHazayeli, inkosi yase-Aramu, walwa neGathi, walinqoba. UHazayeli wayesebhekisa amabombo eJerusalema.


Bayakubuza indlela eya eZiyoni, bebhekise amabombo abo kulo, bethi: wozani nizihlanganise noSimakade ngesivumelwano saphakade esingenakulibaleka.


U-Eliya, umThishibhi owayengomunye wababegogobele kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, akuyukuba khona mazolo namvula kule minyaka, kuze kusho mina.”


Abakhuzi bempi yakwaGileyadi bathi omunye komunye: “Ngubani ozoqala impi nabakwa-Amoni, na? Uyokuba yinhloko phezu kwazo zonke izakhamuzi zakwaGileyadi.”


“Leli lizwe salidla ngaleso sikhathi; izwe elisukela e-Aroweri elisesigodini i-Arinoni, nengxenye yelezintaba kwaGileyadi, nemizi yalo, sakunika abakwaRubeni nabakwaGadi.


Abozalo lukaRubeni nabolukaGadi babenemfuyo eningi kakhulu. Lapho bebona ukuthi izwe lakwaJazeri nelakwaGileyadi liyindawo enhle emfuyweni yabo,


Kuthe lapho uBhileyamu ebona ukuthi kuyamthokozisa uSimakade ukubusisa u-Israyeli, wangabe esahamba njengasemihleni ukuyofuna imilingo, kodwa waphendukela ngasogwadule.


UJakobe wathumela uJuda ukuthi ahambe phambili aye kuJosefa, ukuze abahole ukuya eGosheni. Ekufikeni kwabo eGosheni,


Bahlala phansi, badla; kuthe bephakamisa amehlo, babona ihele labakwa-Ishmayeli liqhamuka kwaGileyadi, amakameli abo ethwele inhlaka, nebhalisamu, nemure, bekwehlisela eGibhithe.


Wayesethatha izihlobo zakhe wamlandela izinsuku eziyisikhombisa, waze wamfica kwelezintaba kwaGileyadi.


Ngalolo lusuku uSimakade wenza isivumelwano no-Abhrama, wathi: “Ngiyakulinika inzalo yakho leli lizwe, kusukela emfuleni oseGibhithe kuze kube semfuleni omkhulu iYufrathe:


Umfula wesithathu kwakuyiThayigrisi. Ugobhoza wedlule empumalanga ye-Asiriya. Umfula wesine kwakuyiYufrathe.


UJakobe wamkhohlisa uLabani, umAramu, ngokuba akamtshelanga ukuthi uhlose ukubaleka.


Ngosuku lwesithathu uLabani wabikelwa ukuthi uJakobe ubalekile.


Bafika kwaGileyadi, naseThahethimi Hodeshi, bedlulela kwaDani Jahani. Basuka lapho baya naseSidoni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite