Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 31:2 - IsiZulu 2020

2 UJakobe wabona nokuthi uLabani akasamnambithisisi kahle njengakuqala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UJakobe wabona ubuso bukaLabani; bheka, babungasenjengayizolo nakuthangi kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UJakobe wabona ubuso bukaLabani, bheka, babungenjengakuqala kuye.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 31:2
11 Referans Kwoze  

Khona uNebukhadinezari wathukuthela wafa, nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa kaShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sibaselwe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okwejwayeleke ukuba sibaselwe ngakho.


kodwa uKhayini nomnikelo wakhe wakushaya indiva. UKhayini wathukuthela wagana unwabu, wahwaqabala ebusweni.


UJonathani wambiza uDavide wamtshela konke okwakushiwo nguyise. UJonathani waletha uDavide kuSawule, wamsebenzela njengakuqala.


ULabani wathi kuye: “Uma uzongivumela ukuba ngisho lokhu: ngizwile uma ngibhula ukuthi uSimakade ungibusise ngenxa yakho.


Umuntu onokulunga phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, kumkakhe amthandayo, nakuyo insali yabantwana bakhe.


“Kuyothi uma umbulali ebalekela khona, aphile: yilowo nalowo oyobulala umakhelwane wakhe engaqondile, futhi ebengamzondi phambilini,


UMose wathi kuSimakade: “Nkosi, ngixolele, angikaze ngibe ngumuntu oyiciko lokukhuluma, kusukela kuqala kuze kube manje njengoba ukhuluma nenceku yakho, ngokuba nginamalimi, ulimi lwami lulukhuni.”


UJakobe wezwa ukuthi amadodana kaLabani ayakhononda, athi: “UJakobe useqole ubaba konke obekungokwakhe, nale ngcebo yonke anayo uyithole ngezinto obekungezikababa.”


USimakade wathi kuJakobe: “Phindela ezweni lokhokho bakho nasezihlotsheni zakho, Mina ngizoba nawe.”


Wathi kubo: “Ngiyabona ukuthi uyihlo akasanginambithisisi kahle njengakuqala. Kepha uNkulunkulu kababa unami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite