Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 31:12 - IsiZulu 2020

12 “Yathi: ‘Bheka phezulu, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zinemishu, ezinye zimabhadubhadu, nezinye ziyihunqu; ngokuba ngikubone konke uLabani akwenza kuwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Yayisithi: ‘Awuphakamise amehlo akho, ubone ukuthi zonke izimpongo ezikhwela umhlambi zingezinemishwe, nezimanakanaka, nezinala, ngokuba ngibone konke uLabani akwenza kuwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Yasisithi: Phakamisa amehlo akho, ubone, zonke izinqama ezikhwela umhlambi zimthende, ezilamabala, nezingamaqamu, ngokuba ngikubonile konke uLabani akwenzayo kuwe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 31:12
13 Referans Kwoze  

USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Uyoyikhokhela imali yayo ngosuku lwayo, lingaze lishone ilanga ungakwenzile lokho, ngokuba impofu, futhi ikhathazekile ngayo, funa ikhale kuSimakade ngenxa yakho, lokho kube yisono kuwe.


Uma uNkulunkulu kababa ebengenami, uNkulunkulu ka-Abhrahama, noKwesaba kuka-Isaka, ngabe manje ungibuyisela emuva ngingenalutho. Kepha uNkulunkulu ukubonile ukuhlupheka nokuzikhandla kwami, wazibonakalisa kuwe ebusuku bayizolo, wakuthethisa.”


Nani makhosi, yenzani kanjalo ezincekwini, niyeke ukuzisongela, nazi ukuthi iNkosi yazo neyenu isezulwini, nokuthi kuyo akukho ukukhetha umuntu.


Ngibonile nokukubona ukuhlushwa kwesizwe sami esiseGibhithe, ngizwile ukububula kwaso; sengehlile ukuba ngibakhiphe. Woza khona manje, ukuze ngikuthumele eGibhithe.’


Uma esifundazweni sangakini ubona abampofu becindezelwa, kungenabulungiswa, futhi bephucwa amalungelo abo, ungamangaliswa yilokho, ngoba isikhulu esiphezulu naso sibhekwe ngesinye, kukhona nezingaphezulu kwazo.


Uhlola ukuhamba kwami nokulala kwami, uzazi zonke izindlela zami.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


“ ‘Awuyukumcindezela umakhelwane wakho, awuyukumphanga. Awuyukugodla inkokhelo yesisebenzi esiqashiweyo kuze kube ngakusasa.


Manje, bheka, ukukhala kwabantu bakwa-Israyeli sekufinyelele kimi, futhi ngikubonile ukucindezelwa kwabo ngabaseGibhithe.


“Ngesikhathi sokukhwelana kwemihlambi ngake ngaba nephupho, ngabheka phezulu ngabona ukuthi izimpongo ezazikhwela zazinemishu, zimabhadubhadu, ezinye ziyihunqu.


Kepha Wena uyamqaphela osenkathazweni nasosizini, wenze okuthile ngaye. Abampofu bangethembela kuwe, nezintandane ngokunjalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite