Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 31:1 - IsiZulu 2020

1 UJakobe wezwa ukuthi amadodana kaLabani ayakhononda, athi: “UJakobe useqole ubaba konke obekungokwakhe, nale ngcebo yonke anayo uyithole ngezinto obekungezikababa.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wayesezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe uthathile konke okwakungokukababa; ngokwakungokukababa uzizuzele lonke lolu dumo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wezwa amazwi amadodana kaLabani, ethi: “UJakobe wathatha konke okwakungokukababa; futhi kulokho okwakungokukababa wathola lonke lolu dumo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 31:1
23 Referans Kwoze  

Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


ngokuba: “Yonke inyama injengotshani, nobuhle bayo bonke bunjengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali ivuthuluke. Kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


esekhukhumele, ebe engaqondi lutho, enelukuluku lokuphikisana nokuba nengxabano okuvela kukho umona, umbango, ukuhlambalaza, ukudlinza okubi,


USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yomhlaba nenkazimulo yayo;


“ ‘ “Bonke abacaphuna izaga, bayakucaphuna lesi mayelana nawe, bathi: Ukhamba lufuze imbiza.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.


Ngalokho indawo yabafileyo inwebe umphimbo wayo, yakhamisa umlomo ngokungenamkhawulo; abahloniphekileyo, nesixuku esixokozelayo, nabajabulayo phakathi kwabo, behlela kuyo.


Ulaka lungulunya nentukuthelo iyisikhukhula, kepha ngubani ongema phambi komhawu na?


Ingqondo enokuthula inikeza ukuphila emzimbeni, kodwa umhawu ukubolisa amathambo.


Umphefumulo wami uphakathi kwamabhubesi, ngilele phakathi kwabakhafula umlilo, ngisho nabantwana babantu, abamazinyo ayimikhonto nemicibisholo, abalulimi luyinkemba ebukhali.


nakubantu, ngesandla sakho, Simakade, abantu abasabelo sabo kulo mhlaba sikulokhu kuphila, nabazisu zabo uzigcwalisa ngalokho obabekele khona, nabashiyela izingane zabo okuningi okusele kubo.


Uma abendlu yami bethi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama etafuleni likaJobe na?’


waqhosha ngomcebo wakhe omkhulu, namadodana amaningi, nezikhundla zonke inkosi embeke kuzo, nokuthi imenze wamkhulu phezu kwezikhulu nabaholi.


Nimbikele ubaba ngakho konke ukuhlonipheka kwami eGibhithe, nangakho konke enikubonileyo, bese nisheshe nimehlisa eze lapha.”


Ngokwenza kanjalo, uJakobe waba yisicebi esikhulu, enemihlambi emikhulu yezimvu, nezimbuzi, nezincekukazi, nezinceku, namakameli, nezimbongolo.


UJakobe wabona nokuthi uLabani akasamnambithisisi kahle njengakuqala.


ULabani wamphendula uJakobe wathi: “Laba bangamadodakazi ami nalaba bangabazukulu bami, le mfuyo ingeyami, nakho konke lokhu okubonayo kungokwami. Pho-ke ngingakwenza kanjani okubi kulawa madodakazi ami nakubazukulu angizalele bona na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite