Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 30:39 - IsiZulu 2020

39 Ngenxa yokuba zazikhwelana phambi kwezinduku, zonke zazala amazinyane ahunqu, namabhadubhadu, namabalabala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Imihlambi yamitha phambi kwezinti, imihlambi yazala ezinemishwe, nezimanakanaka, nezimagqabhagqabha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Umhlambi wamitha phambi kwezinti, wazala izinkomo, ezimthende, nezimanakanaka, nezimanakanaka.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 30:39
8 Referans Kwoze  

Uma uNkulunkulu kababa ebengenami, uNkulunkulu ka-Abhrahama, noKwesaba kuka-Isaka, ngabe manje ungibuyisela emuva ngingenalutho. Kepha uNkulunkulu ukubonile ukuhlupheka nokuzikhandla kwami, wazibonakalisa kuwe ebusuku bayizolo, wakuthethisa.”


Ngangishiswa yilanga emini, ngilala obenyoni ebusuku, ngiqhuqhwa ngamakhaza,


Le minyaka engama-20 ngihleli nawe, izimvukazi nezimbuzikazi zakho azikaze ziphunze, futhi angikaze ngidle nqama yomhlambi wakho.


Wazibeka lezo zinduku ezixetshuliweyo kuyo yonke imikhombe ezazizophuza kuyo ukuze zibe phambi kwezimbuzikazi ngesikhathi zifika ukuzophuza, ngokuba yilapho zazikhwelana khona.


UJakobe wawehlukanisa lawo mazinyane emhlanjini kaLabani. Ngesikhathi zikhwela, wabhekisa ubuso bemihlambi kwezikaLabani, kwezinemishwi nezimnyama. Ezakhe wazehlukanisa azaze zahlangana nemihlambi kaLabani.


Uma ebethi: ‘Ezimabhadubhadu zizoba yiholo lakho,’ yonke imihlambi ibizala amazinyane amabhadubhadu. Uma eguquka ethi: ‘Zonke ezinemishu zizoba yiholo lakho,’ yonke imihlambi ibizala ezinemishu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite