Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 30:33 - IsiZulu 2020

33 Ubuqotho bami buzongifakazela ngomuso lapho usufika uzohlola iholo ongikhokhele lona. Leso silwane oyosithola kimi singemabhadubhadu, futhi singemabalabala ezimbuzini, nesingemnyama ezimvini zami, kuyoba ngisebile.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Ukulunga kwami kuyakungifakazela ngesikhathi esizayo, lapho ufika ngomvuzo wami osebusweni bakho, ukuthi zonke ezingemanakanaka nezingemagqabhagqabha ezimbuzini, nezingemnyama ezimvini ezikimi, mazithiwe zebiwe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

33 “Ukulunga kwami kuyakungiphendulela esikhathini esizayo, lapho kufika umvuzo wami phambi kobuso bakho: zonke ezingemabala nezingamagqabhagqabha ezimbuzini, nezingemnyama phakathi kwezimvu, ezingathi zebiwe kimi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 30:33
8 Referans Kwoze  

Ngokuba iziphambeko zethu ziningi phambi kwakho, nezono zethu ziyafakaza ngathi; ngokuba iziphambeko zethu zikithi, nobubi bethu siyabazi:


Ukulunga kwakho kukhanye njengelanga; nobulungiswa njengemini.


“USimakade ungivuzile ngokulunga kwami, wangibuyisela njengobumsulwa bezandla zami.


USimakade uyakuphindisela, kube yilowo nalowo ngokulunga kwakhe nangokwethembeka kwakhe, lokhu uSimakade ekunikele esandleni sami namuhla, angivumanga ukwelula isandla sami ngibulale ogcotshiweyo kaSimakade.


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


Njengalokhu usupeketule yonke impahla yami nje, utholeni-ke olungolwakho na? Lubeke lapha phambi kwezihlobo zethu, zona zehlulele phakathi kwethu.


Namhlanje ngizodabula phakathi komhlambi wakho, ngisuse zonke ezimabhadubhadu, nezimabalabala, nazo zonke izimvu ezimnyama kuwo. Nginike ezinjalo kube yiholo lami.


ULabani wathi: “Kuhle-ke, akuye njengamagama enkehli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite