Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 30:30 - IsiZulu 2020

30 ngokuba ngingakafiki wawunemfuyo encane, kodwa selokhu ngafika imfuyo yakho isiyande kakhulu, futhi uSimakade ukubusisile noma kuphi lapho bengiya ngakhona; kodwa manje ngizoyisebenzela nini mina indlu yami na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Ngokuba kwakukuncane okwakho ngingakafiki; kepha kwandile, sekukuningi; uJehova ukubusisile ezinyathelweni zami; manje ngiyakuyisebenzela nini eyami indlu na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Ngokuba incane onayo ngingakafiki, yandile, yaba yisixuku; futhi iNkosi ikubusisile kusukela ekufikeni kwami; manje nami ngiyakuyinakekela nini indlu yami na?

Gade chapit la Kopi




UGenesise 30:30
7 Referans Kwoze  

Kodwa uma umuntu engabondli abakubo, ikakhulu abomndeni wakhe, ukulahlile ukukholwa, mubi ukwedlula nongakholwa.


Sekungokwesithathu manje ngikulungele ukuza kini; angiyukuba mthwalo kini, ngokuba angifune zinto zenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akusibona abantwana okufanele baqongelelele abazali, kodwa ngabazali abaqongelelela abantwana.


Izwe enizongena kulo ukuba nilidle alifani neGibhithe enaphuma kulo, lapho wawuvame ukuhlwanyela khona imbewu yakho, uyinisele njengesivande semifino,


UJakobe wathi kuye: “Wena uyazi ukuthi ngikusebenzele kangakanani, nokuthi imfuyo yakho ichume kangakanani isesandleni sami;


Wathi: “Ngizokunikani na?” UJakobe wathi: “Awuyukunginika lutho. Ngenzele kube kunye nje, ngizoqhubeka ngikwelusele umhlambi wakho, ngiwunakekele.


Ngokwenza kanjalo, uJakobe waba yisicebi esikhulu, enemihlambi emikhulu yezimvu, nezimbuzi, nezincekukazi, nezinceku, namakameli, nezimbongolo.


isikhathi sokufuna, nesikhathi sokulahlekelwa; isikhathi sokulondoloza, nesikhathi sokusaphaza;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite