Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 30:2 - IsiZulu 2020

2 UJakobe wamthukuthelela uRaheli wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu yini okunguYena okuncishe inzalo na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Intukuthelo kaJakobe yayisivuthela uRaheli, wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu okwenqabele isithelo sesizalo na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Intukuthelo kaJakobe yamvuthela uRaheli, wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu owagodla isithelo sesisu sikanyoko na?”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 30:2
17 Referans Kwoze  

USarayi wathi ku-Abhrama: “Bheka, uSimakade ungivale inzalo. Hamba ulale nencekukazi yami, mhlawumbe ingase ingivusele umuzi.” U-Abhrama walilalela izwi lomkakhe uSarayi.


Bheka, abantwana bayifa elivela kuSimakade, isithelo sesibeletho singumklomelo.


Kwathi inkosi yakwa-Israyeli isiyifundile incwadi, yaklebhula izingubo zayo, yathi: “Mina nginguNkulunkulu yini ukuba ngibulale, ngiphilise, ukuze lo athumele kimi umuntu ukuba ngimphilise ochokweni lwakhe na? Ake niqonde, nibone ukuthi ufuna ithuba lokulwa nami.”


UHana wamnika amavenge aphindwe kabili, ngokuba wayemthanda uHana, nakuba uSimakade ayesivalile isibeletho sakhe.


UJosefa wathi kubo: “Ningesabi. Kanti nginguNkulunkulu yini na?


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.


Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya!


Kuthe esesondele enkanjini, wabona ithole nokusina, wathukuthela wagana unwabu, wazilahla phansi izibhebhe ayeziphethe, wazephula phansi kwentaba.


UJakobe wathukuthela wamthethisa uLabani, wathi: “Liyini icala lami na? Siyini isono sami uze ungihubhe ngale ndlela na?


Lapho uSimakade ebona ukuthi uLeya uyisaliwakazi, wamvula isibeletho sakhe, kodwa wasivala esikaRaheli.


U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.


ngoba uSimakade wayekade ebavale izibeletho bonke abendlu ka-Abhimeleki ngenxa kaSara umka-Abhrahama.


wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho!


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite