Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:7 - IsiZulu 2020

7 Amehlo abo bobabili ayesevuleka, bazibona ukuthi bahamba ze, beluka amaqabunga omkhiwane, bawabhinca, bafihla ubunqunu babo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; basebethunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izigqoko.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:7
13 Referans Kwoze  

Ubulwembu baso abuyukuba yingubo, abanakuzimboza ngalokho abakwenzileyo; imisebenzi yabo ingeyobubi nezenzo zendluzula zisezandleni zabo.


Indoda nomfazi babehamba ze, futhi bengenamahloni.


Ngokuba uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nisidla, amehlo enu ayovuleka, nifane naye, nazi okuhle nokubi.”


Ngokuba umbhede uyokuba mfishane ukuba umuntu azelule kuwo, nengubo ibe ncane ukuba ayembathe.


Kwathi ukuba bafike eSamariya, u-Elisha wathi: “Simakade, vula amehlo alaba bantu ukuba babone.” USimakade wawavula amehlo abo, babona; base bephakathi eSamariya.


Uyakusanganiswa yilokho oyokubona ngamehlo akho.


Kuthe sesisendaweni yabafileyo sisezinhlungwini, saphakamisa amehlo aso, sabona u-Abhrahama ekude, noLazaru esesifubeni sakhe.


Ubunqunu bakho mabuvele obala libonakale ihlazo lakho, ngiyoziphindiselela, angiyukushiya noyedwa.


IJerusalema lone kakhulu, ngakho-ke seliyisinengiso; bonke abebelihlonipha sebeyaledelela, ngokuba bebone ubunqunu balo; nalo seliyabubula, liphenduka libafulathela.


ukuze lezo zizukulwane zabakwa-Israyeli ezilandelayo zikwazi ukulwa, kufundiswe lezo ezingakaze ziyazi impi phambilini.


nalezo esicabanga ukuthi zedelelekile ukuba zibe ngezomzimba, yizona ezembathiswe ngodumo olukhulu; nalezo esinamahloni ngazo, yizona esizinakekela kakhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite